BASALE enkundleni abasolwa abawu-9 ngenkathi bebetholene phezulu namaphoyisa ngenganono, eDesai, eMarianhill, namuhla 3 April 2024. Kuphinde kwavela ukuthi laba basolwa bebefunwa ukhasha ngamaphoyisa ngenhla yokuthi bebehlalise lubhojozi umphakathi wakulendawo esibalulwe ngenhla. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa i-KwaZulu-Natal Provincial Stabilization Team , alandele umkhondo wabasolwa abawu-11 , abebehlalise lubhojozi umphakathi wase Desai kanye nasezindaweni ezingomakhelwane. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni uCol Robert Netshiunda, uthe laba basolwa bebevele befuna ukhasha ngamaphoyisa ngamacala ahlukahlukene okubalwa kuwo awokudlwengula, lapho ababedlwengula khona intombazane beshintshana ngayo bephindelela. Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi babekwenza lokhu phambi kwamama wayo ngoba babethi akabukele ukuthi benzani. Uqhube wathi lokhu bakwenza ngalenkathi babezobamba inkunzi lomndeni. “ Laba basolwa bebevele besohlwini lezigebengu ezifunwa kakhulu ngamaphoyisa, ngamacala abucayi athinta nodlame,” esho. Uthe amaphoyisa alunywe indlebe yokuthi laba bebehlela ukuyodubula babulale esinye sezakhamuzi. Uthe bekuvele sekunohlelo lokubathungatha abasolwa ngalamacala abebefunelwa wona. “ Amaphoyisa akokote endlini erongu base beqala abasolwa bedubula bebhekise ngakuwo amaphoyise abe esephendula ngezulu lezandla kwadubuleka kwafa abasolwa abawu-9, kanti kulesigameko alikho iphoyisa elithole ukudubuleka. Uqhube wathi ngenkathi sekuphelile ukuphendulana ngenganono amaphoyisa abe esethola izibhamu eziwu-3, kanti ababili bakhonile ukuphulukundlela kanti amaphoyisa ayabathungatha.