ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa.Izithombe.ZITHUNYELWE
ABASOLWA abathathu bakhalelwe ngamaSongo kaS’Gonyela emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni, ezigamekweni ezimbili ezahlukene eGumbantana nase Klaarwater ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka esukela kwengu-19 kuya kwengu-32 , ezigamekweni ezimbili ezahlukene eGumbatana nase Klaarwater, beboshwa ngamaphoyisa ase Harding kanye nawase Port Shepstone ophiko i-K9 Unit.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni ,kuboshwe abasolwa abathathu ezigamekweni ezimbili ezahlukene.
Uthe esitatimendeni ,esigamekweni sokuqala kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka eng-19 nengu-32 e-Gumbatana , kwashaqwa isibhamu kanye nezinhlamvu.
“Amaphoyisa abe eselandela umkhondo womunye umsolwa emva kokulunywa indlebe ngamalunga omphakathi , ngokuthi kunomsolwa ophethe isibhamu ehositela lase Klaarwater , ngaphansi kwe Mariannhill,” kusho yena.
Uqhube wathi esitatimendeni , ngenkathi amaphoyisa egasela ku leli hositela afike asesha athole isibhamu nezinhlamvu kanye nezidakamizwa abe esebopha umsolwa oneminyaka engu-26.
“ Amaphoyisa asenza uphenyo olunzulu ukuze athole ukuthi ingabe laba basolwa abathinteki yini esigamekweni sokubulala abantu ababili epulazini i-Goba, lapho kwadusthulwa kwabulawo khona owesilisa nowesifazane mhlaka 13 Mashi 2025.
Uthe esitatimendeni ,laba basolwa bazovela eziNkantolo ezahlukene ngoLwesine ePinetown kanye nase Highflats, bebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu kanye nezidakamizwa.

