UMASIPALA waseDannhauser usukhiphe isaziso ngesimo sokuntuleka kwamanzi kwizakhamuzi zase-Dannhauser nezindawo ezizungezile ukuthi Amajuba District Municipality ,okunguwona osifakela amanzi emphakathini babika inkinga kagesi esiteshini sokupompa amaphampu ase’Chelmsford. Amajuba District Municipality bathi bayibikile lenkinga, Kwa-Eskom baveze ukuthi bayalazi iphutha futhi bayalilungisa.Ngeshwa lokhu kuphazamisa ukukhiqizwa kwamanzi futhi kuphazamiseka ukuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni ezifana nedolobha laseDannhauser kanye neDurnacol.Kuhlelwa amathangi amanzi ukuze azosiza ezindaweni ezithintekile. Silindele ukuthi lokhu kuzoxazululwa ngaphambi kokuphela kosuku. UMkhandlu waseDannhauser uyazama ukuxhumana neAmajuba District Municipality njengoba sazi ukuthi uMkhandlu wase Dannhauser awusona isiphathimandla sokuhlinzeka ngamanzi futhi awunaso Isabelomali samanzi, lokhu kwenziwa ngumasipala wesifunda Amajuba District Municipality.
Isitatimende sikhishwe
YiHhovisi likaMenenja
Uphiko LwezokuXhumana