ABASEBENZI basemayini Ikwezi eseMbabane, babeke phansi amathuluzi ngoMsombuluko mhlaka 15 January 2024, bahambisa izikhalazo zabo kuziphathimandla! Kuvelile kulabasebenzi ukuthi bakhala ngokuthi basebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi okubalwa kuzo ukungaphephi ngoba ezokuphepha nezempilo azikho nhlobo kulemayini esibalulwe ngenhla. Bathi abanikezwa izamfonyo, izicathulo kanye nezingubo zokusebenza ngoba besebenza kulemayini okubeka izimpilo zabo encupheni ngoba bahogela igesi kanye nezintuli nsukuzonke. Ohlwini lezikhalazo abazihambisa kuziphathimandla zalemayini kubalwa kuzo abakhala ngokuthi azingadilizwa izisebenzi ngoba kuqeda kwenzeka kulemayin esibalulwe ngenhla. Bathi ezikhalazweni akubuyiselwe bonke labasebenzi abaxoshiwe, beqhuba bethi abanelisekile ngemali abayithola ngehora njengoba besebenza njengo opharetha. ” Sifuna imihlomulo esifanele ngoba siyadonselwa imali yokulahlekelwa umsebenzi (Unemployment Insurence Fund-phecelezi UIF),ayikho Provident Fund, kodwa abasebenzi laba abadiliziwe bathe uma beya emyangweni wezabasebenzi beyofuna lemali kwathiwa ababhalisiwe emnyangweni. Baqhube bathi kudala behlala phansi nemayini befaka izikhalazo zabo kodwa lokho akutheli zithelo ngoba lemayini ayikaze ilungise lutho. Baphinde bakhala kakhulu ngokuthi basayiniswa izinkontilaki uma besebenza kokunye basayiniswa inkotileka yenyanga eyodwa. ” Kulonyaka ophelile sigcine sisayine inkontileka yenyanga eyodwa,” kusho omunye umsebenzi ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe. Uthe sasayinda lenkontileka ngoJuly yaphela ngoSeptember , kodwa kuze kwaphela unyaka ingavuselelwanga. Uma sifuna izimfuno zethu sisatshiwa ngonogada kanye namaphoyise. Uqhube wathi lemayini ayiyingeni eyokusiza emphakathini ngoba umgomo uthi uma usebenza emphakathini kumele ubuyisele emphakathini phecelezi Social labour Plan (SLP). Uphethe ngokuthi sikhathazekile kakhulu ngoba kudala silubika udaba lwethu emnyangweni wezabasebenzi eNewcastle kodwa asikaze sisizakale. Iphephandaba lizamile ukuxhumana neziphathamandla kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingaphendulanga ucingo kanti nemeyili bathunyelelwe kodwa abyiphendulanga. UMnyango weZabasebenzi esifundazweni nawo uthintiwe kodwa ubungakaphenduli.