AMAPHOYISA aseNewcastle, eNyakatho, neKwaZulu-Natal, aphenya icala lokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe. Kuvelile ukuthi umgilwa wayehamba esigangeni esikuChelmsford, ngenkathi ehlangana nabasolwa abane ababehlome ngesibhamu kanye nemimese. Okhulumela amaphoyisa uLizzy Arumugam, uthe umgilwa wayehamba esigangeni eceleni kwalomgwaqo osubalulwe ngenhla, ngenkathi ehlangana nabasolwa abane , abebehlome ngesibhamu kanye nomese. Uthe labasolwa babe sebembamba bamkhomba ngesibhamu, nangomese base bethatha imali engadaluliwe base beshaya utshani. Uthe uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Kwesinye isigameko esithi masifuze lesi, amaphoyisa aphenya icala lokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe. Uthe ngezintuba zabo 6.30, ntambama umgilwa wayehamba esitaladini i-Terminus Street, ngenkathi ehlangana nabasolwa abane, abamphoqa ukuba abanike umakhalekhukhwini, okuthe uma engabaniki baqalalela ukumshaya , ngezibhakela, base beyakhona ukumphuca umakhala ekhukhwini , babe sebeshaya utshani. Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi esenzeke endaweni i-Albert Wessels Drive, e-Transet Store, lapho unogada ethe , wabe esebenzela kulendawo kanye nasebenza naye. Uqhube wathi babeqeda ukuzulazula ngenhloso yokubheka ukuthi azikho yini izigilamkhuba, base bebuyela endlini yabo njengonogada, ngenkathi kutheleka abalisa abahlanu , abebehlome ngezibhamu, babe sebebaphoqa ukuba babakhombise , ukuthi zihamba ngakuphi izintambo zamakhebula. Uqhube wathi onogada babe sebebakhombisa abasolwa amakhebula ukuthi ahamba kuphi, babe sebegqekeza noma baphihliza ifasitela , bangena bathatha amakhebula angabiza inani lemali engu-R10 000, babe sebeshaya bachitha. Uthe abagilwa babe sebeshayela amaphoyisa akhonile ukubamba abasolwa ababili oneminyaka engu-27 nengu-30, baboshwa emva kophenyo. Kanti bavelile eNkantolo kaMantshi waseNewcastle mhlaka 6 November 2023, icala labo labe selihlehliselwa umhlaka 13 kwephezulu.