NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka usendlulilse amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakuzihlobo zomfundi obefunda esikoleni samabanga aPhakeme i-Glenwood High , obefunda uGrade 10 , ondlule emhlabeni ngenkathi ezilungiselela umdlalo we hockey, ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi lomfundi ubenabanye bezilungiselela umdlalo wokudlala i-hockey , bezishisisa (warm up), ngenkathi ecela ukuthi akashintshwe ngomunye ngoba engazizwa kahle.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni , abafundi basesikoleni i-Glenwood bebezilungiselela umdlalo we hockey ngenkathi umufi ecela ukushintshwa (substituted), ngomunye ngoba engazizwa kahle.
Uqhube wathi esitatimendeni , emva kokuba ecele ukushaywa ngumoya ube esewa wabe eseshonela khona lapho.
“Abezimo eziphuthumayo (paramedics), bazamile ukuhlenga impilo yalo mfundi kodwa kube sekwamenela khona lapho endaweni yesigameko,” kusho uMnuz Hlomuka.
Uthe esitatimendeni , emva kokuba iNhloko yoMnyango uMnuz Nkosinathi Ngcobo ,ezwe ngalezindaba zokundlula emhlabeni kwalomfundi, ube esephuthuma esikolweni ehambisana nomndeni, amathishela kanye nezinye izikhulu zomnyango.
“Sibonga kakhulu abezimo eziphuthumayo ukuba benze izaba lokuzama ukuhlenga impilo yalo mfundi ondlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma,” kusho yena.
Uthe esitatimendeni, sizoqhubeka sivakashele isikole kanye nomndeni ukuze sibaseke ngesimo esibehlele esibuhlungu, futhi sibaluleke nangokwenqondo kanye nokomphefumulo.
Uphethe ngokuthi banxusa umphakathi ukuba bawubeke umndeni emthandazweni, kanti umphefumulo wakhe awuphumule ngokuthula.