ILABA abaklonyeliswe ngemali.Isithombe.SITHUNYELWE
IFAWUNDESHINI i-Hollywood Foundation, engaphansi kwenhlangano yezokugembula i-Hollywoodbest, iklomelise osomabhizinisi abasafufusa ngemali ngaphansi kohlelo olaziwo ngokuthi i-Bambelelela Business Awards , obekubanjelwe e-Hollywood Greyville Convention Centre, eThekwini, ngoLwesithathu.
Kubikwa ukuthi i-Hollywood Foundation izibophezele ekuxhaseni osomabhizinisi abasafufusa (Small medium and micro enterprise (SMMEs), ngaphansi kwalolu hlelo le miklomela eyaziwa ngeBambelela Business Awards.
Kuvelile ukuthi osomabhizinisi abasafufusa baqale ngokukhombisa ngamabhizinisi abo (exhibition), kwabe sekuba nesidlo sakusihlwa (Gala Diner), mhlaka 18 Mashi 2025 kwabe sekuklonyeliswa laba abadle umhlanganiso mhlaka 19 Mashi 2025.
Owengamele ezokuxhumana ku Hollywood Foundations ,uVuyisile Ngobese uthe esitatimendeni, i-Hollywood Foundation izibophezele ekuthuthikisweni komnotho nokuthuthukisa imiphakathi kanye nosomabhizinisi abasafufusa kwezomnotho.
“Ukungenelela lomcintiswane weBambelela kuhehe osomabhizinisi abaningi ikakhulukazi abangabakhiqizi (manufacturing sector),kusho uNgobese esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, kulonyaka bekutshalwe imali engu-R1million ukuze kulekelelwe osomabhizinisi abasafufusa ngokwe zezimali , nokubaluleke ukuze amabhizinisi abo asimame futhi angawi.
UNksz Babongile Mkhize, oyi Group Transformation Manager eHollywoodbets,uthe esitatimendeni ukujabulele konke obekwenzeka kulonyaka kusukela osomabhizinisi bekhangisa ngamabhzinisi abo, kuze kufike ekuklonyelisweni.
“Siyajabula kakhulu ekubeni sibe yinxenye yokuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa ukuze bakhule kwezomnotho kanye nokukhulisa amabhizinisi abo, okungadala namathuba omsebenzi,” esho.
Uphinde wakuveza esitatimendeni, ukuthi baphinde bahlonipha osomabhizinisi ababamba iqhaza ngonyaka ondlule futhi asebekhombise ukukhula kakhulu emabhizinisini abo.
“UMnuz Thami Zondi, oyi-Chief Director for the Department of Economic Development, Tourism, and Environmental Affairs (EDTEA), nguyena othule inkulumo yosuku ngalolu suku emele uNgqongqoshe uMfu Musa Zondi.
Uthe esitatimendeni ,singumnyango angeke sikwazi ukuzuza lokhu kokuthuthukisa umnotho kanye nosomabhizinisi abasafufusa ngaphandle kokubambisana , nezinhlangano ezizimele, ezifana no Hollywood Foundation.
“Ukuthuthukiswa komnotho akusiyona into yomuntu oyedwa kodwa lokho kuzuzwa ngokubambisana phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi,” kusho uZondi esitatimendeni.
Ukuvezile esitatimendeni, ukuthi lokuklonyeliswa amaBambelela Business Awards , adlala indima enkulu kosomabhizinisi abasafufusa ngoba kuvula namathuba amaningi.
Yilaba abangu-20 abaklonyelisiwe
Ibhizinisi eliwaqwaqwade emakhanda kube yi- Nkazimulo Applied Sciences (Pty) Ltd , laklonyeliswa ngesamba semali esingu-R130 000, elilale isibili kube yiBakers Creationz (Pty) Ltd, lathola imali ewu-R100 000, kwathi elelilale isithathu kwaba
Litklean chemicals (Pty) Ltd , ezihlomulele imali engu-R70 000:
Amabhizinisi aklonyeliswe ngesamba semali esingu- R40 000, ilawa alandelayo
– Cosmic Dreadlocks Specialists (Pty) Ltd
– Akili Timber (Pty) Ltd
– Level Innovations (Pty) Ltd
– BAP South Africa (Pty Ltd
– Sphosh Multi Dimensioms (Pty) Ltd
– G Khula Trading (PTY) Ltd
– Bidy Wood Design Manufacture and Trading (Pty) Ltd
– Skhathi Collection (Pty) Ltd
– Field Tech Environmental Solutions (Pty) Ltd
– June D Cakes (Pty) Ltd
– Umphafa Berg Tours (Pty) Ltd
– Earth Tones Designs (Pty) Ltd
– Mawande Kheswa Imaging (Pty) Ltd
– Madame Clucks A Lot (Pty) Ltd
– Sinesthembiso produce (Pty) Ltd
– Redd Productions (Pty) Ltd
– Sibocali Traders (Pty) Ltd
Ngaphansi komcintiswano i-Facebook Marketing Competion i-Let’s Talk Busket Laundry izihlomulele imali engu-R10 000, kwathi ngaphansi kwe-Early Bird Pitchers Award, i-Mthunzi Poultry Farm , iklonyeliswe ngemali engu-R5000, kwathi ngaphansi kohlelo lwe-Best presented exhibition stand, kwahlomula i-Peggy’s Car Hire, yahlomula imali engu-R5000.