NAMHLANJE bekuwusuku lwesibili lokwethulwa kohlelo lweNtuntuko edidiyelwe olwaziwa ngele-Integrated Development Planning (IDP roadshow) ngamafuphi.Kulolu suku lwesibili uMasipala wesiFunda uMzinyathi ngokubambisana noMasipala waseNdumeni bebeseWasbank eMbusweni Hall beyixoxisana nomphakathi ngokuthi yiziphi izinhlelo zentuthuko ezizokwenziwa kuloluhlahlo mali lukanyaka mali-2024/2025.
Imeya yesiFunda uMzinyathi uMhlonishwa Petros Ngubane uthe isabelo- mali salo nyaka simi ku-R1.1billion. Kule mali bonke omasipala kumele bathole.
Endumeni nakhu okunye okubekwe eqhulwini ukuthi kuzokwenziwa.
*1. Uhlelo lwamathoyilethe ebese luqalile Kwasithole luzoqhutshwa nakwezinye izindawo lubekelwe isamba sika-R3.1 million*
*2. Ukufakwa kwamanzi eRuigtefontein naseKunene Farm okuzodla R15.8 million*
*3.Ukuqedelwa kweDisaster Centre okuzodla uR1.3 million*
*4. Ukuqhubeka nohlelo lokufaka amanzi eThelaphi okuzodla uR4 million*
*5. Ukuqedelwa kwesiphehlimanzi saseTayside okuzodla uR21 million*
Kusasa sizobe siseShane Hall eMvoti abantu mabaphume ngobuningi babo ukuzoxoxisana nomasipala ngalezi nhlelo zentuthuko ezizokwethulwa endaweni yabo.