NGABAHLELI balemidlalo ,othwele isigqoko esinsundu ngu-Duncan Nxumalo, Mdu Vilakazi, Buhle Dladla, Mthunzi Buthelezi noLanga. Kwesinye uHelman Mkhalele kanye noLethukuthula “Nana” Vilakazi ongomunye wabahleli bale midlalo. Izikole ezinqobile Imlamleli egqoke ijezi elipinki kuthi i-Thamsanqa yona igqoke eliluhlaza
I-AMAJUBA Football Schools Sports Committee ibambisene neHelman Mkhalele Foundation bahlele imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo lezikole ebixhaswe inkampani yamabhasi i-Transnat.
Le midlalo ibibanjelwe ezinkundleni zase-Arbor Park, eNewcastle, ngoMgqibelo lapho bekudlana khona imilala izikole ezingaphansi kwamasekethe i-Buhleni neMasakhane angaphansi kwesifunda sezeMfundo Amajuba, ebholeni likanobhutshuzwayo labafana namantombazane.
Ku-Under 19 wabafana kowamanqamu kunqobe Izazi High School ihlula iKwanda Secondary ngo 3-2 kumaphenathi. Ku-Under 14 wabafana kunqobe i-Busy Bee Primary iguqisa iZithuthukise ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu.
Ku-Under 14 wamantombazane kwanqoba i-Thamsanqa Primary School ihlula i-Mlamleli Primary ngo 4-0. Izikole ezinqobile ziklonyeliswe ngezindebe, izindondo zegolide, namajezi amasha.
UHelman “Ncane” Mkhalele wodumo kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana, uthe ngale midlalo bahlose ukusiza ngokuthuthukisa ibhola likanobhutshuzwayo esifundeni saseMajuba, kuphinde kuvunjululwe namakhono entsheni ukuze nayo igcine isidlala esigabeni sebhola elikhokhelayo nasemaqenjini esizwe.
“Inhloso enkulu ngale midlalo ukuvumbulula amakhono entsheni siphinde siyinqande ekutheni ingatholakali isingene shi obhubhaneni lwezidakamizwa oselusibulele isizwe.
ukuzivocavoca kwenza ukuthi uhlale uphilile nomqondo ukhaliphile, kanti futhi amakhono namathalente kuyaphileka ngawo ngoba uyakwazi ukubeka isinkwa etafuleni.
Ngiyajabula ukuthi ngibe yingxenye yale midlalo ngoba kudala ngangikufisa lokhu kokuthi ngibuyele ekhaya ngizothuthukisa ngiphinde ngivumbulule amakhono entsheni, kulesi sifunda saseMajuba engazalelwa ngakhulela kusona,” kusho uMkhalele.
Ube esencoma kakhulu i-Transnat Bus Services ngokubuyisela emphakathini. Wathi kubalulekile kakhulu ukuthi osomabhizinisi babuyisele emphakathini okuyiwona owenza amabhizinisi abo asimame.
UZembethe Nkosi obemele uMnyango wezeMfundo esifundeni Amajuba, ubonge kakhulu abahleli bale midlalo nabaxhasi, wabonga noMkhalele ngokukhethelekile ngendima ayidlalile kule midlalo.
ULethukuthula “Nana” Vilakazi ongomunye wabahleli bale midlalo uzwakalise ukuthokoza ngesasasa nempumelelo yayo, wancoma nabahleli abebambisene nabo ngokuzijuba baphinde baqinisekise ukuthi iba yimpumelelo ngendlela abebeyihlele ngayo.
Kuvelile ukuthi bekudlalwa ibhola likanobhutshuzwayo lamantombazane kanye nelabafane lezikole.
UMduduzi Vilakazi obemele uMnyango wezeMfundo naye obeyingxenye yekomiti lokuhlelwa kwale midlalo, ubonge abazali bezingane, izigungu ezibhekelele izikole, nothishanhloko bezikole.
Ube esekuqinisekisa ukuthi le midlalo isazoqhubeka ngokwesivumelwano seminyaka emihlanu nabaxhasi neHelman Mkhalele Foundation.