KUNGENKATHI kubhikisha izakhamizi.Izithombe.Langelihle Chagwe
IZAKHAMIZI zaseShayamoya ku Wadi 10, ngase Buhlebomzinyathi Traditional Council, eDannhauser, zivale umgwaqo ngamatshe kanye namathayi avuthayo, ngase Newtown, Osizweni, zibhikishela ukungabi nogesi isikhathi eside, ngoMsombuluko.
Le zakhamizi ebezibalelwa kwezingu-60 , ziphoqe ukuba abashayeli bezimoto abaya edolobheni eNewcastle kanye nase Dannhauser, basebenzise izindlela ezingomabhobokelana ukuze zifinyelele emisebenzini, njengoba umgwaqo ubuvalwe ngamathayi avuthayo kanye nangamatshe.
Omunye wabahleli bale mashi ebeyinokuthula uNksz Thuli Msibi uthe ,safaka isicelo sokufakelwa ugesi ngonyaka u-2013, kodwa namanje asikaze sibe nawo.
Uqhube wathi, lokhu kuyasikhathaza kakhulu ngoba , uMeya uKhansela Bongani Radebe, wasitshela ukuthi kune mali eyayibekelwe ukufakwa kuka gesi engu-R2.8 million kodwa sebeyingezile manje isingu-R4.2 million , ezofakela izakhamizi zaku Wadi 10 no Wadi 5 ugesi , athi nayo ayizukwanela.
UMsibi uthe , asinazo futhi izindlela ezingenela ngaphakathi kanti namanzi ayantuleka kulendawo kodwa uMeya Radebe , wasitshela ukuthi amaloli azofakela amanzi azoza kuphela uma kushoniwe.
Uphethe ngokuthi, kubulawa abantu bayolahlwa kulendawo yaseShayamoya njengoba kungenagesi.
UMeya waseDannhauser uKhansela Radebe uthe ,ukhonsalithenti (Consultant), uzovakashela izakhamizi zakulendawo ngoLwesibili (namuhla), eyobhalisa bonke okumele bahlomule ngogesi.
Uqhube wathi , safica kunesabelo mali esingu-R2.8 sokufakelwa kukagesi , sasingeza manje sesiwu-R4.2 kanti futhi nayo le mali ayanele ukufakalela amawadi amabili u-10 no-5 ugesi, sisazophinde sifake enye imali ngoJulayi.
Uphethe ngokuthi izakhamizi zatshelwa ngalolu hlelo, azibeke amaphaphu phansi zonke izinto zime ngomumo futhi nosonkontileka sewaqashwa ozoqhuba lomsebenzi.
