AMAPHOYISA aseDurban North , athungatha umsolwa odubule wabulala owesifazane oyedwa, kwalimala abathathu lanzima, oyedwa waphuma enganamyoci. Kuvelile ukuthi labantu baphume endlini becele ukuhanjiswa ezitolo eziseduze ngenkathi umsolwa naye ophume khona kulendlu okuphume khona abagilwa, waqala wavulelwa ngenhlamvu ebhekise kubo kwashona owesifazane oyedwa., kwalimala abathathu kanzima baphuthunyiswa esibhedlela bekusimi esibucayi, kanti oyedwa akalimalanga obehamba nabo. Kuphinde kwavela ukuthi bonke laba abalimele noshonile, abomdabu waseNdiya futhi bangabokufika lapha e-South Africa. Ngokushpo kokhulumela amaphoyisa esiFundazweni uCol Robert Netshiunda, laba besifazane abawu-4, bebehlezi endlini abayiqashile , behlezi nowesilisa naye owomdabu waseNdiya, kwase kuthi laba besifazane bamcela ukuba abagibeze bafuna ukuya enxanxatheleni yezitolo eseduze. Uqhube wathi ngenkathi laba besifazane nomngani wabo oyedwa wesilisa bathe uma bengena nje emotweni njengoba bonke bebegqamuka kulendlu eqashwe ilaba besifazane, kwabe sekuphuma umsolwa lona usagcwele amathafa wavulela ngenhlamvu ngaphambi kokuba akhulume okuthize ebhekise kubo a, kwathi owesifazane wadubuleka washonela khona endaweni yesigameko , kwathi abathathu balimala kanzima kodwa lona owesilisa obehamba nabo abamcele ukuthi ababeke enxanxatheleni yezitolo yena wangathola myocu. Imbangela yokudutshulwa ayikaziwa kodwa uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, kanti namaphoyisa athungatha yena umsolwa lona abalekile emva kokugila lomkhuba wakhe wokudubula lezi zisulu, kwashona oyedwa wesifazane. Amaphoyisa anethemba lokuthi umsolwa uzoboshwa maduzane agwetshwe kanzima ngalesenzo sakhe sokudubula abulale oyedwa walimaza abanye kabi.