YIVIDIYO esabalele ezinkundleni zokuxhumana.Ividiyo. Social Media
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni, singumnyango siphatheke kabi ngokusabalala kwevidiyo ekhombisa abafundi base sikoleni samabanga aPhakeme i-Hillview Secondary , bamantombazana beshayana ngaphandle kwamagceke esikole, begqoke umfaniswano wesikole.
Kubikwa ukuthi kubonakale abafundi besikole samabanga aPhakeme beshayana ngaphandle kwamagceke esikole ngoLwesibili (namhlanje), begqoke umfaniswano wesikole.
“ Lokhu okusabalele ezinkundleni zokuxhumana kuyaphazamisa kakhulu ngoba ngeviki elendlule bekusabalale kuzo izinkundla zokuxhumana abafundi base Mdingi High School , nabo babonakala belwa ngaphakathi kwamagceke esikole,”kusho yena.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni, siyalucubungula lolu daba , futhi bonke abantwana abathintekayo sizosebenza ngabo , uma kufanele baqondiswe ubugwegwe sokwenza njalo.
Uphethe ngokuthi lolu dweshu oluqhubeka ezikoleni aluvumelekile neze neze ,ngoba izikole zifanele ukuba yizindawo eziphephile futhi nokufunda nokufundisa kumele kuqhubeke ngaphandle kwezihibe.