NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UKHALE wemuka nesamba esingu-R1million uMasipala weDolobha uMhlathuze (City of Mhlathuze), emncimbini wokuklomelisa komasipala abenza kahle ,obubanjelwe e-Greyville Convention Centre, eThekwini, ngoLwesibili ntambama, emva kokuba eqokwe njengomasipala ophethwe kahle kanye nobaqwaqwada bonke esiFundazweni saKwaZulu-Natal, ekuhanjisweni kwezidingo nqangi emphakathini.( governance and service delivery).
Kubikwa ukuthi , uMasipala uMlalazi wona ukhale wemuka nemali engu-R500 000, ngoba uqokwe njengoMasipala ohlanzekile kunabo bonke oMasipala balapha esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
UNgqongqoshwe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, kuklonyeliswe omasipala abenza kahle esiFundazweni saKwaZulu-Natal, ekuphathweni komasipala kanye nasekuhanjisweni kwezidingo kwizakhamizi.
Uqhube wathi esitatimendeni , omasipala baklonyeliswa emikhakheni eyahlukene njengoba uMlalazi udle umhlanganiso ,njengomasipala ohlanzeke kunabo bonke esiFundazweni wabe usiklonyeliswa ngemali engu_R 500 000.
“Bekubhekwa ezintweni eziningi ezizidingo zomphakathi ukuba zihanjiswa ngendlela okubalwa kuzo, amanzi, ugesi kanye nemigwaqo,” kusho yena esitatimendeni , eqhuba ethi , sizibophezele ekutheni izidingo nqangi zezakhamizi ziyahanjiswa.
UNdunankulu esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uthe esitatimendeni, sizibophezele ekutheni sihola ngokweqiniso futhi nezidingo ziyahanjiswa kwizakhamizi ngaphandle kwezihibe.
“ Siyabona sonke ukuthi sibhekene nezinselelo zokuguquguquka kwesimo sezulu (climate change), okudala izinhlekelele eziningi kulesiFundazwe saKwaZulu-Natal, osekushiye abantu abaningi dengwane, futhi lesi siFundazwe siphinde sahlonzwe njengesifunda sezinhlekelelo” esho.
Uqhube wathi esitatimendeni, kumele sibambisane njengohulumeni , abaholi bendabuko, osomabhizinisi kanye namalunga omphakathi, ekutheni siyalwisana nalezi zinselelo ezidalwa izimvula ezinamandla kanye nezikhukhula.