NGUMGILWA othi washaywa amaphoyisa kanzima. UFUNA ubulungiswa umlisa owashaywa ngamaphoyisa! Umgilwa waseMadadeni, ufuna ubulungiswa lokhu kulandelwa ukuthi utshele leli phephandaba ukuthi washaywa ngamaphoyisa mhlaka 6 November 2023. “ Ngalandwa ngamaphoyisa ngezintuba zabo 19.45, ejele laseWaterval, iphoyisa engilaziyo lihamba namanye lathi , lizongethwesa icala lokuzama ukubulala elenzeke endaweni yase Utrecht,esho. Uqhube wathi emva kokukhishwa kwami kulendawo ngashaywa kanzima ngase sengiyiswa ezitokisini zaseMadadeni. “ Kwathi amanye amaphoyisa ebona ukuthi isimo sami sibi kakhulu angiphuthumisa esibhedlela saseMadadeni,” kusho yena , eqhuba ethi, ngathi ngisalindile endaweni lapho kumukelwa khona iziguli, lafika leli phoyisa eligodliwe igama lalo lazongincothula amadrip, bakhuza babaza abahlenikazi. Umbuzo wami uthi ungalenza kanjani icala kulonyaka ngenyanga ephelile kodwa uhlezi ngaphakathi ejele, wawuphume nini. Impilo yami isencupheni ngoba , lase lishayisile leliphoyisa, lanele lezwa ukuthi ngiphuthunyiswe esibhedlela yaphuphuma khona lazoncothula amadrip. Okune engifisa ukuthi kube khona ubulungiswa ukuthi ojele , bamnika kanjani igunya, lokuthi, angikhiphe ebusiku, ngoba sivalelwa ngabo 2 ntambama. “ Lendaba engivelele ngoyixoxela amgwababa echobana, ngoba ngangibulawa lapba, ngibulawela into engekho, ngoba lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ngangibulawa ngoba ngakhishwa ebusuku, ngashaywa kanzima. “ Impilo yami isencupheni ngoba ngakhishelwa ukushaywa,”esho, eqhuba ethi ngashaywa kangangoba kwadingeka ukuba ngifakwe egunjini labagula kakhulu (ICU). Leli phoyisa elingeke ligagulwe igama lalo lidumile ngokushaya abasolwa kusiFunda Amajuba kodwa alenziwa lutho. Ngifisa kube khona ubulungiswa, nomthetho udlale indima yawo. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni wathunyelelwa imibuzo kodwa akakaze aphendule