NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka usejube iziphathimandla ukuba ziphenye ngezinsolo zokusatshiswa kwamathishela esikolene samabanga aphansi i-Shakaskraal, lapho okuthiwa amathishela ayaphoqwa ukuba agqoke umfaniswano weqembu elithize.
Kubikwa ukuthi , kunamathishela asemkhantshubovu asbisa lana asafika ngokuwaphoqelela ukuba agqoke umfaniswano weqembu lezepolitiki , uma engayigqoki le mifaniswane astshiswe ngokuthi azokhonjwa indlela ilabobhongoza.
Uqhube wathi esitatimendeni, lezi zikhulu zisebenzisa inqalasizinda yesikole njengenkundla yezepolitiki.
Uthe esitatimendeni kuphoqwa amathishela kanye nabafundi ukuba bagqoke umfaniswano wezepolitiki, futhi lokhu kwenzeka emagcekeni esikole ngesikhathi kumele kuqhubeke ukufunda nokufundisa.
“ Uma lezi zinsolo ziyiqiniso lokhu kuyobe kuchaza ngokusobala ukuthi kunokwephulwa komthetho okungavumelekile , futhi bonke labo abenza lokhu bangagcina bexoshwa emsbenzini.
Kuphinde kwavela ukuthi umnyango usuthole izikhalazo eziningi , wabe esenxusa ukuba kumele umnyango unikwe ithuba lokuphenya lezi zinsolo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Mlu Mtshali uthe esitatimendeni ungqongqoshe uHlomuka uzovakashela lesikole ngoLwesihlanu , ukuze aqinisekise ukuthi ukufunda nokufundisa kuyaqhubeka ngaphandle kwezihibe futhi kungafakwa nepolitiki ezikoleni.