SEZIFINYELELE ezindlebeni zoMnyango wezeMfundo izinsolo zokucwasa ngokobuhlanga esikoleni i-Drakensburg Secondary School, e-Escourt.
Kukholakala ukuthi abafundi ababili bakulesi sikole esixube abafundi bezinhlanga ezahlukene, bacelwa ukuthi bakhiphe izintambo ezibomvu (red Luxmi), abazifaka ngenhla yenkolo yabo ezisetshenziswa kakhulu uma kuthandazwa.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe abafundi ababili abenkolo yamaHindu bacelwa ukuthi bakhiphe izintambo ezibomvu abazifaka ngenxa yenkolo yabo, kwaphinde kwathiwa okungenani bazisithe ngesikhathi sokufunda nokufundisa.
Uthe uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe ulawulwa ngumthetho u-Chapter 2 of 1996, yomthethosisekelo wezwe owaziwa kakhulu nge-Bill of Rights, okubeka kucace ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela inkolo ayithandayo, nokuthi ukholelwa kuphi kanye nokuveza umbono wakhe nanoma ngasiphi isikhathi.
Uqhube wathi kunesigatshana somthetho ku-Bill of Right ku-Section 15, okubeka kucace ukuthi umuntu ukhululekile ukuthi angahamba noma ngayiphi inkolo akholelwa kuyo.
Uphethe ngokuthi sebejube izikhulu ukuba ziyobheka ziphinde ziphenye ngalezi zinsolo zokucwasa ngokwenkolo.