Uhulumeni usememezele ukululwa kwezinkontileka kwabasebenza njengamavolontiya KwaZulu-Natal
OYINHLOKO eMnyangweni wezeMfundo uMnuz Nkosinathi Ngcobo.Isithombe.SITHUNYELWE
OYINHLOKO eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Nkosinathi Ngcobo, usekhiphe isekhula ngenhloso yokwazisa abasebenza ngokuzinikela , phecelezi amavolontiya (Volunteers), ukuthi izinkontileka zabo zizolulwa , kuze kube ngunyaka ozayo.
Kubikwa ukuthi umnyango uzolula izinkontileka zabasebenza njengonogada (Safety Officers) kanye nezabasebenza njengobahlanzi ezikoleni (Cleaners), kusukela ekuqaleni kwenyanga u-Ephreli 1,2025, kuya ku 31 Mashi 2026.
UMnuz Ngcobo uthe esitatimendeni, bengumnyango bazibophezele ekutheni izikole ziba indawo ephephile nehlanzekile ,ukuze kuqhubeke ngaphandle kwezihibe ukufunda nokufundisa, yingakho babona kubalulekile ukuba kuqashwe abahlanza izikole kanye nabaqaphi, futhi nezinkontileka zabo zilulwe.
“ Njengoba sibona ukuthi kunesidingo esikhulu salaba abasebenza ngokuzinikela, amavolontiya sibone kubalulekile ukuba sizilule izinkontileka zabo,” kusho yena, eqhuba ethi, lezi zinkontileka zizolulwa kusukela mhlaka 1 Ephreli 2025 kuya ku 31 Mashi 2026, kanti wona la mavolontiya azohlomula imali engu-R2 786,08, njalo ngenyango okusho ukuthi ngosuku bazobe bebhala imali engu-R126,64.
Uthe esitatimendeni, bonke laba okuzolulwa izinkontileka zabo kumele basayinde amafomu aziwa ngokuthi ama Appointment of Duty Forms .
Uphethe ngokunxusa bonke abayizinduna zala mavolontiya ukuba bawanikeze la mavolontiya amafomu ukuze bawagcwalise , kwelulwe izinkontileka zabo.