UNDUNANKULU kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi , usefisele ISILO uMisuzulu kaZwelithi izilokotho ezinhle , sigubha usuku lwaso lokuzalwa namuhla mhlaka 23 September 2024. Kuvelile ukuthi ISILO sihlanganisa iminyaka ewu-50 sazalwa. Uqhube wathi akugujwa kuphela usuku lokuzalwa kweNdlulamithi kodwa kuphinde kugujwe ibanga eselihanjiwe kulibe kwabakhona isizwe siKaZulu kanye naMakhosi asakhothama alesizwe. Kuphinde kwavela ukuthi ISILO uMisuzulu kaZwelithini Zulu , wazalelwa KwaHlabisa , esiFundeni Umkhanyakude ezalwa uNdlunkulu uMntfombi kaSobhuza ozalwa ebukhosini baseSwaziland kanye noSilo uZwelithini kaBhekuzulu. “ Kulolusuku lwakhe lokuzalwa simfisela ukuba athole amandla okuhola kahle isizwe samaZulu neNkosi imuphe izibusiso futhi iNkosi imlonde,” kusho uMfu Buthelezi. Ukuvezile ukuthi ISILO sobe sizihlalele endaweni ethule ngaphambi kokuba siyothula khona inkulumo yaso lapho kuzobe kukhunjulwa khona Ilembe uShaka KwaDukuza kusasa. Uthe ISILO sobe siyisikhulumi sosuku kusasa mhlaka 24 September 2024, KwaDukuza. Uphinde wakuveza ukuthi ISILO singene esihlalweni sobokhosi mhlaka 20 August 2022 ,esiGodlweni Kwakhangelamankengane Royal palace, ngaphambi kwezihambeli eziningi okubalwa kuzo iNdlunkulu kanye nezinkulungwane zabantu ezazihambele ukugcotshwa kwaso ISILO. Uqhube wathi ISILO siyaqhubeka ngokuhola isizwe ngobuqotho nanxa sibhekene nezinqinamba eziningi kanti futhi silandela ezinyathelweni zikababa waso ISILO esakhothama uZwelithi kaBhekuzulu. Uphethe wathi ISILO sizimisele futhi sizibophezele ekutheni sithuthukisa nokuthi isizwe sihlala sibumbene. Phila isikhathi eside Bayede.