UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neZindaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, usigxeke kakhulu isenzo sokubulawa kweKhansela laseMngeni, uMnu Nhlalayenza Ndlovu. Ukuvezile ukuthi bengumnyango basathukile futhi bashaqekile ngalesisenzo zokubulawa komholi womphakathi. Uthe ukhansela Ndlovu, ubengusotswebhu lulomasipala osubalulwe ngenhla. Uthe kubajabhisile ukuthi ikhansela liyobulawa emzini walo ngoLwesibili esisuka kuwo, ebusuku. “ Sindlulisa amazwi enduduzo kubangani, umndeni Kanye nakuwo wonke umphakathi waseMngeni, ngokundlula emhlabeni kwekhansela laseMngeni. Uqhube wathi baphatheke kabi kakhulu ngokubulawa kwabaholi bomphakathi koMasipala abakhele lesiFundazwe, saKwaZulu-Natal. “ Singumnyango siphatheke kabi kudlame olubhekiswe kubaholi bomphakathi okuyizinduna, amakhosi Kanye namakhansela,” esho. Uqhube wathi kuyinto embi kakhulu ukubona kubulawa amakhansela amaWadi asuke ekhethwe ngumphakathi ngoba usuke uwathemba ukuthi azosebenza kahle emphakathini. Uthe lokhu kuyethusa ukubulawa komphakathi. Uphethe ngokunxusa amalunga omphakathi angaba nolwazi ngokubulawa kwaleli khansela ukuba babikele amaphoyisa ukuze abenzi bobubi bezoboshwa babhadle emajele isikhathi eside.