UMASIPALA wesiFunda uMzinyathi usuqanjwe ngowayengumholi weNkatha Freedom Party nondunankulu kaZulu ongasekho, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, njengoba usuzokwaziwa ngePrince Mangosuthu District Municipality.
Lokhu kwenzeke ngoLwesibili, KwaPhindangene, oLundi, ngenkathi izikhulu zoMasipala uMzinyathi zisayina isivumelwano sokushintshwa kwegama lalo masipala osuzokwaziwa ngeMangosuthu, kulo mbuthano obuhanjelwe ngamakhansela namakhosi akulesi sifunda abephume ngobuningi ukuzoseka lo mbono.
Umasipala wesiFunda uMzinyathi uqale izingxoxo zokushintshwa igama loMzinyathi ngo-2020, kodwa ukuqhutshwa kwalezi zingxoxo kwaphazamiseka ngenxa yokubheduka kwe-Covid 19. UMntwana uMangosuthu Butheleze owadlula ngoSepthemba ngonyaka odlule, wadlula sezifikile kuye lezi zindaba zokuqanjwa kabusha koMasipala uMzinyathi ngegama lakhe.
Inkosi yaKwaButhelezi esesihlalweni, inkosi uZuzifa kaMangosuthu, ithe bewumndeni wakwaButhelezi bayavuma ukuba uMzinyathi ungaqhubeka nalezi zinhlelo.
“Sithobeke kakhulu ukuba beze lapha ekhaya siluxoxe udaba yize sebake bayithumela incwadi phambilini. Yize siye sakuveza kubona ukuthi uMntwana wayengayithandisisi into yokuthi ahlonishwe ngenxa yepolitiki, abanye belwisana nalokhu kanti phela abantu bebemhlonipha ngokweqiniso bebona imisebenzi yakhe.
IMangosuthu University of Technology yakwenza lokhu kwaqanjwa neminye yemigwaqo ngaye. Bekusanda kufika abanye nje lapha ekhaya beqembu lezithuthuthu befisa ukubiza iqembu labo ngoMtwana,” kubeka iNkosi yakwaButhelezi.
OyiMeya yoMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, uthe uMntwana wakwaPhindangene kuningi akwenze uMzinyathi.
“Sibe sesihlala siwumkhandlu womMzinyathi savumelana ngokuthi ahlonishwe (uButhelezi). Sijabule, siswele imilomo yokubonga emndenini, kusuka manje siyaqhubeka nezinhlelo silandela yonke imigudu efanele.
UMntwana imisebenzi yakhe iyohla imlandela noma esesithele, kithi eMzinyathi kakukho abengasiseki ngakho uma sikwenza. Sivula amanzi ubebakhona, kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon eba khona yonke iminyaka esiseka. Ukumhlonipha yinto ekade sasiyifisa siyabonga ukuthi umndeni namhlanje uthi masiqhubeke wenziwe lo msebenzi,” kusho uNgubane.
ReplyForwardAdd reaction |