NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni, uhulumeni kazwelonke usuxhase oMasipala ngesamba semali engu-227 700 000, 00 ngaphansi kohlelo lwe Disaster Relief Funding, njengoba laba boMasipala bakhahlanyezwa zimvula ezinamandla nezikhukhula.
Kubikwa ukuthi lesi samba semali simenyezelwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnuz Velonkosini Hlabisa ngoMsombuluko (namuhla),
Uthe esitaimendeni , lezi zimali zikhishelwe ukulekelela omasipala baKwaZulu-Natal , abahlaselwa zimvula ezinamandla nezikhukhula , zaphinde zandlula nemiphefumulo yabantu abangu-30 emhlabeni, kwakhahlazameka izakhamizi ezibalelwa kwezingu-10 000 , kusukela lezi zimbula zabheduka ngoDisemba 2024 kuze kufika kulenyanga ephelile uMashi 2025.
“ Lezi zimali ziphuma ngaphansi kohlelo lukazwelonke i-National Disaster Management Centre (NDMC), “ kusho yena.
Uqhube wathi esitatimendeni, lezi zimali zizolekelela kakhulu kulezakhamizi ezakhahlazameka kuhlasela lezi zimvula ezinamandla ebezihambisana nezikhukhula, futhi zizosiza ekubuyiseleni esimweni inqalasizinda eyalimala.
Uthe esitatimendeni , sibonga kakhulu ukuba uhulumeni kazwelonke ophethwe nguMnuz Hlabisa ukuba angenelele ekusizeni izakhamizi ezakhahlamezeka, futhi kuzosizakala ekulungisweni kwamaprojekhthi akhahlamezeka..
“ Le mali ewuxhaso izosiza kakhulu , ekubhekaneni nezinselelo ezadalwa ukuhlasela kwezimvula ezinamandla,” esho.
Uthe esitatimendeni, sizoqinisekisa ukuthi siyalandelela ukuthi le mali enguxhaso isetshenziswa ngendlela futhi ayehli ngemilenze.
UNgqongqoshe uMnuz Hlabisa uthe esitatimendeni, omasipala kumele benze imibiko nyangazonke ngokusetshenziswa kwalemali.
Uphethe ngokuthi ngenkathi kuhlasela lezi zimvula ezinamandla , nezikhukhula kwalimala inqalasizinda efana nemigwaqo, amapali kagesi , amapayipi amanzi kwaphephuka izindlu kanti ezinye zawa.
OMasipala abathole lolu xhaso ilaba abalandelayo:
• Edumbe Local Municipality: R 6,800,000.00
• Abaqulusi Local Municipality: R 5,400,000.00
• Mfolozi Local Municipality: R 5,300,000.00
• uLundi Local Municipality: R 5,500,000.00
• Zululand District Municipality: R 9,000,000.00
• Uthukela District Municipality: R 6,900,000.00
• UMhlabuyalingana Local Municipality: R 5,200,000.00
• Mthonjaneni Local Municipality: R 4,200,000.00
• Nquthu Local Municipality: R 5,100,000.00
• Nkandla Local Municipality: R 5,000,000.00
• Mvoti Local Municipality: R 6,400,000.00
• Mzinyathi District Municipality: R 6,500,000.00
• Mandeni Local Municipality: R 5,100,000.00
• UMlalazi Local Municipality- R14,200,000.00.
• Alfred Duma Local Municipality- R50,000,000.00.
• Dannhauser Local Municipality- R11,200,000.00.
• Mntubatuba Local Municipality – R19,700,000.00.
• Maphumulo Local Municipality- R13,300,000.00.
• Ndwedwe Local Municipality – R25,000,000.00.
• Mpofana Local Municipality – R17,900,000.00.