KUBOSHWE abasolwa abangu-11 780, ngamacala ahlukene kwaphinde kwashaqwa izibhamu ezingu-341 nezinhlamvu ezingu-3 562, ngenyanga ephelile uMashi 2025.
Kubikwa ukuthi laba basolwa baboshelwe amacala ahlukahlukene kusukela kuqala inyanga kaMashi 2025 kwaze kwaba sekupheleni kwayo.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , kuboshwe abasolwa ababalelwa ku-11 780 ngamacala ahlukahlukene, kwashaqwa izibhamu ezingu-341 kanye nezinhlamvu ezingu-3 562 esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
“ Isibalo sabasolwa ababoshiwe ngamacala okuthintana (contact crime), singu-3 872, abangu-219 , baboshelwe amacala ayamaniswa nokubulala, abangu-222 baboshelwe awokuzama ukubulala, abangu-160, baboshelwe ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kanti abangu-248 baboshelwe amacala okudlwengula.
Uthe esitatimendeni, abangu-1 817 ,baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza (Assault GBH), abangu-891 , baboshelwa awokushaya ngokujwayelekile (assault common).
Uqhube wathi esitatimendeni, abangu-70 baboshelwe ukuntshontsha izimoto, abangu-1 599 baboshelwe amacala athintana nokutholakala kanye nokushushumbisa izidakamizwa, abngu-512 bona baboshelwa ukushayela bedle amanzi amponjwana, kanti abanye baboshelwe ukushayela budedengu, ukuphathwa kwezikhali eziyingozi,
Uphethe ngokuthi lolu hlelo lwabo lokulwisana nobugebengu luthele izithelo kanti abosolwa abaningi sebevelile ezinkantolo ezahlukene.