UMASIPALA wesiFunda Amajuba usekhiphe isitatimende esiphikisana nezinsolo ezithi kunemoto eyetha uphethiloli ngemali engu-R40 000 , ngelanga elilodwa.
Kubikwa ukuthi lezi zinsolo bese zisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezithi kukhona imoto eyodwa eyetha uphethiloli ngemali engu-R40 000, ngelanga elilodwa , bathi lokhu kungamampunge futhi akwamukelekile.
Okhulumela lo Masipala Amajuba uMnuz Sbonelo Cebekhulu uthe esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba lezi zinsolo esezisabalele ezinkundleni zokuxhumana zingamampunge , futhi laba abasabalalisa lezi zinsolo bathunaza baphinde badicilele isithunzi zikamasipala phansi.
“Bakhiphe lezi zinsolo ezithi kwethiwa uphethiloli imoto eyodwa ngemali engu-R40 000 , ngosuku olulodwa okuyinto engakaze yenzeke ngisho nakwamadala eJudeni,” esho.
Uthe esitatimendeni , baphinde bathumela ezinye izinsolo ezithi kwaphinda kwethiwa imoto uphethiloli eyambandakanyeka engozini futhi engeke iphinde ibe semgwaqeni ngoba yakhishwa ngenxa yengozi, kodwa futhi lokho kungamampunge.
“UMasipala Amajuba uthanda ukukubeka kucace ukuthi zonke lezi zinsolo zingamampunge futhi azinasisekelo.
“Laba basabalalisa ulwazi olungasilona iqiniso kanti futhi baphume umkhankaso wokudicilela phansi isithunzi sikamasipala,” kuqhuba yena esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni ibhange u-Standard Bank esisebenzisana nalo ngamakhadi kaphethiloli banezinhlelo zabo zokuvimbela ukukhwabanisa ,kanti sebesebenze iminyaka engu-30 , ngaloluhlelo lokuvikela ukukhwabanisa futhi zikhona nezobuchwepheshe ezibhekelele imikhonyovu efuze lena eyidigithali (digital and analytical tools).
“ Ngaphambi kokuba leli bhange liphasise ukwethiwa kukaphethiloli liqala liqinisekise ukuthi akunamkhonyovu okhona,” kusho uMnu Cebekhulu esitatimendeni.
“ Ezimotweni ezingu-360 bayakwazi ukusheshe bavimbele ukukhwabanisa kuka phethiloli futhi imoto nemoto iphuma ngegama lomsebenzi othize osuke ezoyisebenzisa, ngokuyishayela.
“Leli bhange linawo umkhakha walo obhekelene nomkhonyovu nokukwabanisa ( own Fraud Unit), .esuke ibhekelele ukukhwabanisa noma izinsolo zokukhwabanisa,kusho yena, eqhuba ethi , abashayeli abakwazi ukuvunyelwa ukuba bethe uphethiloli ngaphambi kokuba banikezele ngamakhilomitha asehanjwe imoto, kanti futhi akukho mibiko ethi sekukhona owake wetha uphethiloli wale mali ngelanga.
“ Oyibamba leMeya uKhansela Thembelihle Mthembu kanye nebamba loyiMenenja uMunz Thulani Dube, baphazamisekile futhi baphoxekile ngalezi zinsolo zabantu abantshontsha amaphepha anemibiko ebalulekile (steal internal documents), bese bewasabalalisa ngaphandle kokucubungula ukuthi lokhu okuqukethwe yiwo kuyiqiniso yini.
“ Ubuholi busola ukuthi owenza lokhu akabhekisisanga ukuthi la maphepha akhuluma ngosuku , noma akhuluma ngombiko wonyaka wonke ,kodwa basebegijimele ekusabalaliseni la mampunge.
“ Lezi zinsolo abazisabalisayo azikhulumi ngenoto ejwayelekile engathela uphethiloli ongaka,” kuqhuba isitatimende.
Siqhuba sithi sinxusa izakhamizi ukuba ziqikelele ngabantu abacashisa ama akhawunti abo uma bebhala okuthize ezinkundleni zokuxhumana, ukuze basabalalise amampunge.
“ Lokhu kuyakhathaza ngoba kusatshalaliswa la mampunge ngesikhathi olibamba leMeya uKhansela Mthembu , ebhisi nezindaba ezithinta ukuhanjiswa kwezidingo kubantu, futhi ebhizi namalungiselelo okuqashwa kukaMenenja kanye nozoba ibamba le Menenja,” kusho isitatimende.
Sithe angeke sizifihle izinto ezithinta ukungahanjiswa kahle kwezinto uma kukhona okumele kwazise izakhamizi ngokusemthethweni.
“UMasipala Amajuba uzimisele ngokuthatha izinyathelo zokulwisana nalesigameko sokwenza izinsolo ezingamampunge futhi bazothatha izinyathelo zokwenza uphenyo olunzulu,” kusho isitatimende.
Uma udinga ulwazi ungaxhumana noyibamba le Menja uMnuz Thulani Dube noma uMnuz Sbonelo Cebekhulu kulezinombolo 034 329 7200 (during office hours) noma 077 476 6460 or email mm@amajuba.gov.za or
sboneloc@amajuba.gov.za