KUSALE enkundleni imigulukudu emine emva kokuba ibidubulana namaphoyisa ngoLwesibili ebusuku.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abelandela abasolwa abane abasolwa ngokubulala abantu abathathu.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , amaphoyisa abelandela abasolwa abane ngamacala okubulala , abebehamba emgwaqeni u-M4 Highway ,eMlazi ngoLwesibili, ebusuku.
Uthe esitatimendeni , amaphoyisa alandele ezibobunhloli , ngabasolwa abasolwa ngamacala okubulala abathathu, okuthe ngenkathi esondela ngakubafi ngasenxanxatheleni yezitolo zase Mlazi, babe (abafi), sebebaleka , okuthe uma sebebona ukuthi , amahlathi asephelile babe sebeqala ukudubula bebhekise ngakuwona amaphoyisa , nawo aphendula ngenganono kwasala abane abangabasolwa enkundleni.
Uthe esitatimendeni, alikho iphoyisa elithole ukulimala ngenkathi bekudutshulwana nabafi.
Uphethe ngokuthi , abasolwa batholakale nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni , kanti bebe funeka ngamacala amathathu okubulala enzeka ngoMashi kanye no Ephreli.