NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi no Nksz Sun obemele izwe laseChina. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi , wemukele isheke le samba sika-R 1million izolo ,ngoLwesihlanu , okunguxhaso oluvela kuhulumeni wase China, oluyisibonelelo kulaba abakhahlanyezwe zimvula ezinamandla (Disaster relief donation),.
Kubikwa ukuthi lolu xhaso lunikelelwe kuMfu Buthelezi ngenkathi bekuthulwa ngokusemthethweni isixwayiso sobusika (Winter Season Disaster Awareness Campaign), obekwenziwe ngaphansi kuka Masipala wase Mandeni.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, leli elase Shayina liphinde lanikela ngezimpahla zokwakha ngenkathi bekunalomcimbi wokuqwashisa ngobusika.
“ Sibonga kakhulu ngokwenziwa yizwe lase Shayina ngokuqhubeka ngokuxhasa izakhamizi zaKwaZulyu-Natal, ngezikhathi zezezinhlekelele,” kusho uMfu Buthelezi.
UNksz Sun omele uhulumeni wase China kuleli (Chinese Embassy) uthe esitatimendeni, lolu xhaso lukhombisa ukuzibophezela kwelase Shayina ukuthi liyaziseka izakhamizi zaKwaZulu-Natal , ngesikhathi sezinhlekelele.
“ Thina njengohulumeni ziyazazi izinhlekelele ezidalwa zimvula ezinamandla futhi sikhiphe lolu xhaso ukuze siqinisekise ukuthi uhulumeni uyashesha ukuthole izinsiza ,ukuze kusizwe abasuke besele dengwane ngezikhathi zezezinhlekelele, kube khona abakwazi ukukwenza ngokukhulu ukushesha, ekusizeni izakhamizi.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, sime ngomumo ekubhekaneni nazo zonke izinhlekelele ezingase zivele ngalesikhathi sasebusika futhi nomasipala banazo izinhlelo ezibhekelele zona izinhlekelele.
Uthe esitatimendeni, siyasebenzisana nabezimo eziphuthumayo ukuthi basheshe bafike ezindaweni zesigameko uma kuvela izinhlekelele.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, sihlale sikhipha izixwayiso uma kuqagulwa izimvula ezinamandla knye nazo zonke izinhlekelele ezingase zikhahlameze izakhamizi, ukuze zihlale ziphephile.