UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi, wemukele isinqumo sikahulumeni kazwelonke ngokunyusela oMasipala bakwaZulu-Natal isabelo mali sokuphuculwa kokuhanjiswa kwamanzi ngesamba esingu-R317 million.
Uthe esitatimendeni, uMnyango wezaManzi neNhlanzeko (Water and Sanitation), kuzwelonke ukhuphule uxhaso lwe mali yokuhanjiswa kwamanzi kwizakhamizizaKwaZulu-Natal.
Kuvelile ukuthi lolu xhaso lwemali yamanzi lwaziwa ngokuthi i-Regional Bulk Infrastructure Grant (RBIG) kanye ne Water Services Infrastructure Grant (WSIG), okuhlelwe ngayo ukulekelela omasipala ekutholakaleni nasekuhanjisweni kwamanzi kwizakhamizi ngoMasipala esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Lesi simemezelo usenze oNdini namuhla (ngoLwesibili).
Uthe esitatimendeni , ngaphansi kwe Water Services Infrastructure Grant (WSIG) , oMasipala bahlomule kanye:
* Ugu: R15 000 000
* Newcastle: R15 000 000
* Amajuba: R15 000 000
* Zululand: R55 434 000
Uqbube wathi uMasipala wesiFunda i-Zululand , iphinde yaxhaswa ngenye imali engeziwe engu-R217 247 million ngaphansi kohlelo i-Regional Bulk Infrastructure Grant (RBIG).
Uthe esitatimendeni, laba omasipala abangezelwe imali yoxhaso ilabo okubonakele ukuthi imali abebexhaswe ngayo bayisebenzisa ngendlela ekuphuculeni kohanjiswa kwamanzi kwizakhamizi kanye nokukhulisa izinhlelo zokuphakelwa kwamanzi.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, le mali ibhekelele ukuphucula amaprojekthi abhekelene nokuphucula inqalasizinda kanye nokuqinisekisa ukuthi izakhamizi ziyahlinzekwa ngamanzi ahlanzekile KwaZulu-Natal.