INDUNA engasekho u-Aaron Gwala.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi ,ugxeka isigameko sokudutshulwa kubulawe Induna yase eMaphephetheni, eThekwini, u-Aaron Gwala, owabulawa ngeSonto.
Kubikwa ukuthi Induna uGwala yahlaselwa isekhaya layo, lapho kwafika khona abasolwa abangaziwa bafike bavulela ngenhlamvu.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, sisethukile futhi sikhathezekile ngodlame olubheliswe ezinduneni oluholele ekudutshulweni kubulawe Induna uGwala.
“ Induna uGwala ibisebenza ngokukhulu ukuzikhandla , isebenza ngaphansi koMkhandlu ikwa Gwala Traditional Authority,” kusho uButhelezi , eqhuba ethi, sithukuthele futhi sidiniwe ngenxa yalesi sigameko esinyantisa igazi, sokubulawa kweNduna.
UMfu Buthelezi esitatimendeni, wendlulise amazwi enduduzo kwi Inkosi Thandizwe Frank Gwala, kanye nesizwe sonke sakwa Gwala ngokundlula emhlabeni komholi obewenza ngokukhulu ukuzimisela umsebenzi wesizwe sakwa Gwala.
Uthe esitatimendeni , uGwala ubebeka phambili isizwe sakwaGwala futhi ukundlula kwakhe emhlabeni kuvule isikhala esikhulu.
UMfu Buthelezi esitatimendeni, unxuse izinhlaka zomthetho ukuba zenze uphenyo olunzulu , ngokubulawa kweNkosi uGwala futhi baqinisekise ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa , nengalo yomthetho idlale indima yayo.
Uphethe ngokuthi, esitatimendeni, kumele amaphoyisa akuqinisekise ukuthi ophenyweni lawo akukho angezi ukukubheka okungaba yisisusa nembangela yokudutshulwa kubulawe Induna uGwala.