ZIQINISEKISIWE ezokuphepha engwaqeni kanye nokuthi nezithuthi zokuhambisa abantwana abaya eMhlangeni ziyahlonzwa ukuba zikulungele yini ukuba semigwaqeni. Lokhu kuqinisekiswe ukuthi ezithuthini eziwu-177 , ezingamabhasi ezihlonzelwe ukuthi zingabe zikulungele yini ukuthutha abantu, bafumaniseka ukuthi eziwu-146, zikulungele kodwa eziwu-31, azikulungele zabe sezigunyazwa ukuthi zingabathuthi abantu noma amatshitshi aya eMkhosini womhlanga. Kuvelile ukuthi uNgqongqoshe wezokuThuthwa koMphakathi nokuHlaliswa kwaBantu uMnu Siboniso Duma uthe bayakuqinisekisa ukuthi bahlenga izimpilo zamatshitshi kanye nabo bonke abasebenzisa umgwaqo ukuba baphephe. “ Njengoba sikulenyanga yamaSiko sihlanganile neSilo uMisuzulu KaZwelithini sadingida ngezindaba zokuphepha komphakathi mhlaka 5 September 2024, esiGodlweni , oPhongola,” esho. Uqhube wathi ebesikudingida ikakhulukazi ukuphepha kwamatshitshi azobe ehambele loMkhosi omkhulukazi osewugujwe iminyaka ewu-40. Kuvelile ukuthi ISilo sikuvezile ukuthi okubalulekile kakhulu ukuphepha nokuthi abantu balandele yonke imigomo. Esitatimendeni ISilo sikuvezile ukuthi lomkhosi usuhehe amazwe anagaphandle , izivakashi eziqavile kuwe wonke ngenhloso yokuzobona ukugujwa kwalelisko mpilo. Kuphinde kwavela ukuthi kulonyaka lomgubho wenze ukuthi uhehe izivakashi eziningi kangangoba izindawo zolala eziningi sezigcwele phama ngaphansi kukamasipala wesiFunda i-Zululand, lokhu okusho ukukhula komnotho nokuhlomula kosomabhizinisi bendawo. Kuphinde kwavela ukuthi kulindeleke abantu abangaphezulu kwabawu-45 000.00 , ukuba bacele ukulala ezindaweni ezakhele imikhandlu yase Umkhanyakude nase King Cetshwayo. “ Umthamo wezimoto kulindeleke ukuba ukhule mawala, ngoba nezivakashi zifuna ukuzibonela ngokwazo mayelana nalomgubho. “ Bekuhlolwa amabhasi namatekisi ukuba ngabe akulungele ukuthutha abaya kulomkhosi,” kusho uNdabezitha Sibiya. Eqhuba ethi okubalulekile kithi ukuphepha kwamatshitshi. Uthe sikwenze lokhu silandela imithetho mgomo okuyi-South African Bureau of Standards (SABS) applicable Standards – SANS 10047 on the Testing of vehicles for Roadworthiness, kanti futhi sijube abasebenzi abanamava kanye nesipiliyoni ukuba baqhube umsebenzi wokuhlonza izimoto kanye nokuzibheka ukuba zisesimeni yini. Uqhube wathi sihlole izithuthi ukuthi ngabe sisemgwaqeni yini. Uthe sikuqinisekisile ukuthi sihlonze amabhasi awu-152 kanye namatekisi awu-377, abezohambisa amatshitshi nabanye kuloMkhosi. “ Sifisa ukuthi emabhasini awu-177 , awu-31, atholakale ukuthi awakulungele ukulayisha amatshitshi,” eqhuba.
Uthe eDurban Central bahlole awu-67 kwafeyila awu-3,. “ Sifisela ukuthi amathimba ethu asebenza lomsebenzi akhuthazeke awusebenze ngokukhulu ukuzimisela njengoba enza nokukhombisa ukuwuqonda umsebenzi abaqashelwe wona. Lokhu kucace bha ukuthi lamabhasi abengamathuna ahambayo futhi abebeka izimpilo zamatshitshi encupheni abezogibela kuwo,” esho uqhube wathi abanikazi bawo baxwayisiiwe baphinde balulekwa ngokuthi abathole amabhasi asesimeni sokuhamba emgwaqeni hhayi lawa. Ukuvezile ukuthi kuhlowe amatekisi awu-35, kwatholakala ukuthi wonke akulungele ukulayisha. Ube sefisela bonke abemboni yamatekisi okuhle wathi abaqhubeke babe nezithuthi ezisesimweni sokulayisha abantu. Ulandise abashayeli abahambisa amatshitshi ukuthi kuzoba nesiminyaminya bashayele ngokucophelela, kanti futhi namaphoyisa omgwaqo azobe esiqaphile isimo. Ube esexwayisa abashayeli bamaloli ukuthi bagweme ukusebenzisa lemizila elandelayo:
· R66 Nongoma to Ulundi;
· R618 Nongoma to Hlabisa;
· R618 Nongoma to Vryheid;
· R66 Nongoma to Pongola;
· N2 Mpumalanga Province to or from Pongola/ Swaziland border/ Mkuze/ Mtubatuba;
· R66 – Gingindlovu to Ulundi (19);
· P234
Uthe sizibophezele ukuthi amaloli awahambeli ngaseNyokeni kulesikhathi, kanti futhi amaphoyisa asiqaphile isimo kulezindawo.