ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa. Isithombe.SITHUNYELWE
UMKHANKASO wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni kuthele izithelo, ikakhulukazi ngesikhathi sePhasika esiFundeni Umzinyathi.
Kubikwa ukuthi kuboshwe abasolwa abahlanu abaneminyaka esukela kwengu-26 kuya kwengu-37, abatholakale nezibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ngempelasonto yePhasika (Easter Holidays).
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa abahlanu kwashaqwa izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uthe esitaimendeni, lomkhankaso uqale mhlaka 17 Ephreli 2025, owenziwa endaweni yase Greytown kanye naseMsinga.
“Lomkhankaso ubuqhutshwa izinhlaka zamaphoyisa ezahlukene okubalwa kuzo amaphoyisa aseGreytown, izinkampani zonogada ezizimele kanye namaphoyisa omgwaqo (Road Traffic Inspectorate),” kusho uCosntable Nkwanyana.
Uqhube wathi esitatimendeni, umkhankaso ububhekelene nokuqinisekisa ukuthi abahweba ngotshwala bayayilandela imigomo, ukumiswa kuphinde kuseshwe abantu, ukuthungathwa kwabasolwa ngamacala ahlukene kanye nokwenza izivimba mgwaqo, ukuze kuhlolwe ukuthi izimoto zisemthethweni aknye nokuthi abekho abashayela bephuzile.
“ Esigamekweni sokuqala kuboshwe umsolwa otholakale nesibhamu sohlobo lwe .38 okutholakale ukuthi sabe sintshontshwe eNanda.
“ Ngokuqhubeka kwalomkhankaso mhlaka 18 Ephreli 2025, kube sekuboshwa abasolwa abane eMsinga, abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu,” kuqhuba uConstable Nkwanyana.
Uthe esitatimendeni, zonke lezi zibhamu ezitholakale kubasolwa zizohamba ziyohlonzwa ukuthi azikaze yini sisetshenziswe ezenzweni zobugebengu.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, umsolwa oyedwa uzovela eNkantolo kaMantshi wase Greytown bese kuthi laba abanye bavele kweyase Msinga.