EMIZAMENI yokulwisana nesifo sesandulela Ngculazi Kanye neNcgulazi uqobo lwayo, uMeya woMkhandlu Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu, ubambe amalungiselelo okugubha lolusuku eMtholampilo waseMdozo, ngaphandle nkwasOsizweni mhlaka 7 Decmeber 2023. Kuvelile ukuthi uMntana Zulu ubeyolungiselela usuku olubizwa nge-World AIDS Day olugujwa umhlaba wonke ukukhumbula laba asebandlula emhlabeni Kanye nalaba abasahaqwe ilesifo. Kuvelile ukuthi lolu suku lugujwa njalo mhlaka 1 December Kuphinde kwavela ukuthi uma kugujwa lolu suku kusuke kukhunjulwa bonke asebandlula emhlabeni behaqwe yilo leligciwane. “ Ngenkathi emukelwa uMeya Ndabuko Zulu, uKhansela wakuWadi 7 uLucky Ndebele, ubonge abasebenzi baseMtholampilo waseMdozo ngokunakelela kakhulu labo abahaqwe ileligciwane. UNksz Celiwe Mkhize ongomunye abasungula baphinde bavula isikhungo esibizwa ngokuthi kwaHilda Ongcwele Community Centre eseMadadeni, naye ubonge lomtholampilo osugagulwe ngenhla ngendlela abasebenzisana ngayo kahle, ekulwisaneni nalolubhubhane lwesifo sengculaza. Usekela Meya uThembisile Mthembu ugqugquzele umphakathi ukuthi bazazi ngempilo yabo baphinde bayohlolela lesi sifo, ezikhungweni zezempilo. “ Lolusuku lubaluleke kakhulu ngoba lukhumbuza abantu ukuthi lesi sifo sikhona,” esho. Uqhube wathi kumele sisebenze ngokubambisana ukuze silwisane nalesifo. Uthe abantu abaningi bayandlula emhlabeni ngalesifo ngenxa yokucwasa ngaso. Ukhansela Mthembu ngenxa yokucwasa abantu abaningi bagcine beyeka ngisho ezikoleni, ngoba abanye bacwaswa ngisho nangamalunga omndeni.