UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi , uncome izinhlaka zamaphoyisa ezahlukene okubalwa kuzo i-Crime Intelligence, i-Cator Manor Crime Prevention, Inanda Detectives kanye neDurban Metro Police, emva kokuba bebophe abasolwaabane abebefunwa ukhasha ngamaphoyisa ngawokuhlalisa izakhamizi zase Amaoti kanye nezase Inanda lubhotshozi, njengoba bebezibulala.
Kubikwa ukuthi laba basolwa baboshwe mhlaka 19 Ephreli 2025, endaweni yase Cator Manor, njengoba bebehlalise lubhojozi izakhamizi zakulezindawo esezibalulwe ngenhla kusukela ngo Juni , 2024.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa abane ebebehlalise lubhojozi izakhamizi njengoba bebebulala endaweni yase Amaoti kanye neyase Inanda , kusukela ngoJuni , 2024.
Uthe esitatimendeni, laba basolwa ababoshiwe baneminyaka esukela kwengu-21 nengu-33, kanti futhi bazovela eNkantolo kaMantshi waseNtuzuma ngoLwesine (24 Ephreli 2025),lona lolu bebhekene namacala angu-20 , okubulala.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.