SEKUSELE izinsuku ezingu-5 uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal umemezele imiphumela ka-matric yango-2024 yalabo abebebhala iphepha le-National Senior Certificate (NSC).
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe ngoLwesibili oluzayo kuzokhishwa imiphumela ka-matric ngokusemthethweni.
“Imiphumela ka-matric izokhishwa ngokusemthethweni kanti ukumenyezelwa kwayo kuzobanjelwa e-Albert Luthuli ICC,eThekwini, ngoJanuwari 14 2025 ngo-8 ekuseni.
Kuzoqinisekiswa ukuthi abazovunyelwa ukuba yingxenye yalokhu kumenyezelwa nokukhishwa kwemiphumelo ka-matric yilabo abazobe bephethe amakhadi abagunyaza ukuba kulo mcimbi, futhi abathole izimemo,” kusho uHlomuka.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana ezinhlelweni zokubuyisa uzinzo eRay Nkonyeni
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhlele umhlangano ophuthumayo nabaholi nezinye izinhlaka zakuMasipala i-Ray Nkonyeni ngenhloso yokuqhamuka...