ZIBHAMU ezitholakale kuboshwa izelamani. Kwesingezansi izinhlamvu.Izithombe.ZITHUNYELWE
UTHELA izithelo umkhankaso wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Lokhu kufakazelwa ukuboshwa kwezilamani ezineminyaka engu-44 nengu-49, Embondwane-Waaihoek, eZakheni Ngolwesine (namuhla), izintathakusa emva kokuba zitholakale nezibhamu eziyimijojantaba okuyi-AK 47 kanye neR4.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abeqhuba umkhankaso wawo owaziwa ngokuthi i-Operation Vala uMgodi , abe eselandela ezobunhloli eziholele ekuboshweni kwezilamani ezimbili Embondwane-Waaihoek, eZakheni ngoLwesine (namuhla), ngezintathakusa.
Isitatimende , esikhishwe ngokhulumela amaphoyisa esiFundazweni uColonel Robert Netshiunda sithi, kuboshwe izelamani ezimbili ezineminyaka engu-44 nengu-49, kulendawo esibalulwe ngenhla kwashaqwa izibhamu ezimbili zohlobo lwe AK47 kanye ne R4.
Kuvelile ukuthi amaphoyisa asebenzise ezobunhloli emva kokulunywa indlebe , ngokuthi lezi zelami zinezibhamu ezingekho emthethweni , okusolakala ukuthi bazisebenzisa odlameni lokubulala abantu embonini yamatekisi, Embondndwane-Waaihoek,eZakheni.
Uthe esitatimendeni, ngenkathi amaphoyisa egasela kulo muzi lapho kuhlala lezi zelamani , athe uma esesha endlini yalo msolwa oneminyaka engu-49, athola isibhamu sohlobo lwe AK 47 kanye nomagazini ababili , abanezinhlamvu ezingamashumi ayisikhombisa (70), base bengena endlini kamfowabo nakuyona bathe uma besesha bathola isibhamu sohlobo lwe R4 kanye nezinhlamvu ezingamashumi amathathu nanhlanu (35), babe sebeboshwa khona lapho.
Kuphinde kwavela ukuthi lezi zibhamu nezinhlamvu , zizohamba ziyohlonzwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke ezenzweni zokubulala kanye nezobugebengu esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uphethe ngokuthi lezi zelamani zizovela eNkantolo kaMantshi waseZakheni ngoLwesihlanu (kusasa), zibhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
