UMASIPALA waseNewcastle, usekhiphe isixwayiso sokuthi awukho umsebenzi okhokhelwayo! Lokhu kulandelwa ukuthi kukhona abafonela abantu ngalezinombolo 063 613 53 55, babathembise umsebenzi kumasipala bese bebefuna imali yentshontsho phecelezi ukudiza. OyiBamba Nhloko yezokuxhumana kulomasipala uMnu Mthandeni Myende uqwashisa umphakathi ngalamaqola ahambe efonela abantu bazenze abasebenzi bakwamasipala abaqashayo. “Laba abanithembisa umsebenzi bahlose ukuniqola izimali zenu, umasipala uyazikhangisa izikhala zomsebenzi emaphepheni nakuwebhusayithi yakhe (website www.newcastle.gov.za) noma ephepheni lakhe elibizwa Eyanbantu Municipal newsletter. Uqhube wathi lamaqola asebenzisa izinombolo eziningi uma efuna ukuqola abantu abahluphekile abaswele umsebenzi, kanti esebenza kakhulu yiyo lena esibhalwe ngenhla. Uphinde wanxusa kakhulu umphakathi ukuba uzibike izigameko ezifuse lezi ngoba zimbi ukuze amaphoyisa awabophe lamaqola ahlukumeza umphakathi ngoba nakhu uhluphekile. Uthe awukho umsebenzi othengwa ngemali, wabe esexwayisa umphakathi ukuba ungalokothi ukhokhele lezi gilamkhuba. Uphethe ngokuthi laba abenza lomsebenzi bazobhekana nengalo yomthetho kanzima.