KUVELE eNkantolo kaMantshi waseDundee , abasolwa abane emva kokuba betholakale nempahla okusolakala ukuthi yebiwe. Kuvelile ukuthi labasolwa abaneminyaka esukela kwewu-27 kuya kwewu-37, baboshwe emva kokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanye nesibhamu esingekho emthethweni. Kuphinde kwavela ukuthi laba basolwa baboshwe esitaladini i-Karellandman ngamaphoyisa. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe laba basolwa baboshwe izolo ngolweSibili mhlaka 3 September ngamaphoyisa oPhiko lwe Glencoe K 9, emva kokuba amaphoyisa elunywe indlebe ngamalunga omphakathi ukuthi babhizi babamba abantu inkunzi. “ Ngenkathi amaphoyisa efika kulendawo ayalelwe yona ukuthi laba babhizi babamba khona inkunzi behlomile, bathole laba basolwa bephethe isibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe pistol kanye nezimpahla zokugqoka kanye nomakhalekhukhwini. Uqhube wathi uphenyo lwabo lwesikhashana luveze ukuthi maningi amacala avuliwe esiteshini samaphoyisa aseDundee ezinsukwini ezimbalwa ezendlule, ezithi bona laba basolwa yibona abebebamba inkunzi kuhlonyiwe. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti laba basolwa bazophinde babuyele enkantolo maduzane kanti nesibhamu sizohamba siyohlonzwa ukuthi asikaze sithinteke ezenzweni zobugebengu.