IZAGUGA ngenkathi kugujwa usuku lwamalungelo ngelendlule.
LUGUJWE ngendlela ehlukile usuku lwamalungelo abantu (Human Right’s), ngoba bese kuphele iminyaka ewu-30 isizwe zangena kwintando yeningi! UMeya woMkhandlu Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu yena uqoke ukuba achithe isikhathi nezaguga (Senior Citizen). UMntwana Ndabuko Zulu uqoke ukuba awugubhe mhlaka 3 April 2024, ukuze athole ithuba elikahle lokuhlala nabantu abadala, ukuze azobaqwashisa ngezinto ezibahlukumezayo futhi aphinde acele novo lwabo mayelana nezinto ezithinta bona nqo, kanye nokwephulwa kwamalungelo abo. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi ekhuluma nesigungu sezaguga (forum), ukuthi ukhale ngokuthi izaguga azinakiwe, ziyahlukunyezwa, ziyancwaswa, yingakho ebone ukuthi ithuba elihle leli lokuba zigonyuluke ngokungaziphathi kahle, futhi kuphunywe nezixazululo zokuthi zingavikelwa kanjani kulesihlava esidla lubi ngoba ezinye zazo ziphinde zilale zingadlile, ziphucwe nezibonelelo zazo zikahulumeni zempesheni.UMeya uphinde waqwashisa kakhulu umphakathi ukuthi izaguga ziba nezifo eziningi kanti esidlange kakhulu yilesi somqondo. Uthe esitatimendeni izaguga zivamisile ukuhlaselwa yisifo se-Dementia and Alzheimer’s, lokhu okuyinkinga enkulu ngoba umphakathi nawo awunalo ulwazi ngazo, kutholakale ugogo edukile mhlampe ephume enqunu ethi uya endlini yangasese besegcina kwamakhelwane, bese bethi ubezothakatha , kanti cha ilezifo. Uqhube wathi lezifo ziphazamisa inqondo kanngangoba zigcina zingasakhumbuli nolunci okwenzekalayo ngezimpilo zazo. Ekulandeleni ezinyathelweni zommsungulu nomholi weNkatha Freedom Party uPrince Mangosuthu Buthelezi, ekubeni nobuntu, uMntwana Zulu ube esenikezela ngezijumbana zokudla kwabawu-105, abantu abadala esifundeni. Uphethe ngokuthi uMasipala ufisa ukhlala enazo lezinhlelo ezinjena nezaguga, ekuqinisekiseni ukuthi zikhululekile kanti futhi namalungelo azo awaphulwa.