UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, ubukhiphe isexwayiso sokuthi kuzohlasela izimvula ezinamandla esiFundazweni, i-KwaZulu-Natal, ebizobe zihambisana nokuduma kwezulu nesiphepho ezindaweni ezisogwini eDurban kanye nase-Richards Bay. Lomnyango ukuvezile ukuthi lezimvula zizobe zisesigabeni sesibili. Bakuvezile ukuthi lokhu kuqagulwe ngabe-South African Weather Services (SAWS), ukuthi kuzobe kunomoya ozobe uhambe ngejubane eliphezulu elilinganiselwa ku-20-30 KT kanti futhi ijubane lomya belingafinyelela ku-35-40 KT. “Izindawo obekulindeleke ukuba zikhahlamezeke i-eThekwini Metro, KwaDukuza, Umlalazi kanye noMhlathuze, lapho bekuzobonakala imimoya ehamba ngejubane eliphezulu,”kusho umnyango osubalulwe ngenhla esitatimendeni. Uthe lokhu bekuzodala ekulimaleni noma ekucekeleni phansi kwenqalasizinda, ezifana nezindlu, izigxobo zikagesi, izihlahla kanye nokuphazamiseka kokuhamba kwezithuthi. babe sebexwayisa abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokucophelela lulesikhathi zokugasela kwemimoya enamandla. “Siyabanxusa abantu abantu ukuba baqinisekise ukuthi baphephile futhi babheke ukuthi uma kuwa izigxobo zikagesi, ugesi uzobe usaphila ezintanjeni futhi uyingozi,”besho. bathi izakhamuzi kumele zigweme ukuhamba lapho kucekeleke phansi khona izigxobo zikagesi ngoba soshokeka futhi kuyingozi. Umnyango uqhube wathi esitatimendeni labo abahlala ezindaweni eziphezulu kumele baqikelele ukuthi bayawavala amafasitela ukuze angafi bese ewela phezu kwabantu abahlala ezindaweni eziphansi kanye nasezimotweni , lokho okungadala izingozi. “Lemimoya enamandla ibizophinde idale ukungasebenzi kahle kwamachweba , ngoba imikhumbi emincane nayo ibizophazamiseka ngoba lezimvula nemimoya kuqhubeka kuhlasela esifundazweni. Baphethe ngokuthi amathimba ezezinhlekelele nabezimo eziphuthumayo bami ngomumo ekulekeleleni abazokhahlamezwa ilemimoya kanye nezimvula, baphinde bathi izindawo ezifana namahholo sebezilungisile ukze bahlalise abantu abangaba zisulu.