NGOSOMABHIZINISI abaphakela izikole.Isithombe.SITHUNYELWE
GQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ube nesithangami nabo bonke osomabhizinisi , abahweba ngokuphakela izingane zesikole ukudla (National School Nutrition Programme), phecelezi NSNP, abaqhamuka kuzo zonke izifunda eziyishumi nambili (12), zaKwaZulu-Natal ngoLwesine.
Kubikwa ukuthi lesi sithangami bekuhloswe ngaso ukucobelelana ngolwazi oluzosiza ekukhuliseni umnotho kosomabhizinisi abasafufusa ikakhulukazi abasezifundeni zabo (Small Business Enterprises (SBEs), esifundazweni i-KwaZulu-Natal.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni, inhloso yalesithangami ukunikeza amathuba osomabhizinisi bendawo , nokuthi babambe iqhaza elikhulu elikulwisaneni nobubha (poverty alleviation).
“ Lolu hlelo lwe NSNP lwalusungulelwe abantwana abaphuma emakhaya antulayo futhi abebeya ezikoleni kungekho lutho abakufake esiswini,” kusho uHlomuka, esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni, emva kwalokho kwabe sekubonakala ukuthi akuhlonyuliswe kuphinde kufukulwe osomabhizinisi abasafufusa, abavela ezifundeni zabo (Districts), kuphinde kuvikelwe ogombela kwesabo (monopoly).
Uthe esitatimendeni, sijabule kakhulu ngoba sibona osomabhizinisi bebamba iqhaza elikhulu kulolu hlelo okubalwa kubo intsha, abesifazane kanye nabantu abaphila ngokukhubazeka.
Uphethe ngokuthi lolu hlelo kuhloswe ngalo ukufukula umnotho wasemakhaya.