SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE
KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama.
Kubikwa ukuthi lesigameko senzeka nje kuqeda kuboshwa abasolwa abane e-Cato Manor ngenyanga ephelile (April), kanti amaphoyisa abesezithendeni zalaba abathathu.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu ebefunwa ukhasha ngamaphoyisa.
Uqhube wathi esitatimendeni, amaphoyisa abelandela ezobunhloli ngenkathi egasela endlinini lapho abasolwa bebecashe khona.
“Ngenkathi amaphoyisa esondela ngasendlini lapho abafi bebecashe khona , babe sebeqala bedubula bebhekise emaphoyiseni, nawo aphendula ngenganono kwasala enkundleni abathathu,” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni, eqhuba ethi omunye wabafile, waphunyula kuboshwa abane abangamagenge e-Cato Manor, ngenyanga ephelile.
Uthe esitatimendeni, ngenkathi kudutshulwa kubulawa le migulukudu , kutholakele izibhamu ezintathu khona endaweni yesigameko.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, alikho iphoyisa elidubulekile ngenkathi edubulana nalemigulukudu.