KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE
KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu angamashumi amathathu nesithupha (36), aqhamuka e-Eastern cape nalapha KwaZulu-Natal, ozoba seMlazi, KwaZulu-Natal, ngempelasonto.
Kubikwa ukuthi lo mqhudelwano webhola likanobhutshuzwayo obhekwe ngabovu uzobe ubanjelwe ezinkundleni zemidlalo ezahlukene eMlazi okubalwa kuzo i-King Zwelithini Stadium kusukela mhlaka 7 kanye no-8 Juni 2025.
Okhulumela i-Hollywoodbets uKuhle Mkize uthe esitatimendeni, sithanda ukumemezela ukuthi asetonyuliwe amaqembu azoqhudelana kulemidlalo yeKhaba Cup , esekungunyaka wesibili idlalwa selokhu yasungulwa.
Uthe ukubambisana phakathi kweHollywoodbets kaye neKhaba Cup kukhombisa ukundlondlobala okukhulu selokhu baqala.
“I-Hollywoodbets iyaqhubeka nokuxhasa kanye nokugqugquzela ezemidlalo ikakhulukazi ebholeni likanobhutshuzwayo emazingeni aphansi,” kusho uMkize esitatimendeni, eqhuba ethi, ngonyaka ondlule u-2024 i-Two For Joy yiyona eyaba ngoshampeni kulemidlalo yeKhaba Cup inqoba kowamanqamu i-Star Pirates.
Uqhube wathi esitatimendeni , inhloso yalemidlalo ukuvumbulula amakhono entsheni futhi beyicijela ukuyodlalela amaqembu aku PSL.
Owabe engumdlali weqembu elikhulu le kaizer Chief kanye neGoldeni Arrows uManqoba Mkhize nguyena umsunguli we Khaba Cup.
“Sijabula kakhulu ukwamukela i-Hollywoodbets ukuba ibe uphathina wethi (partner) , njenge Khaba cup,kusho uMkhize esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , izwe lethu linamakhona amahle ikakhulukazi ebholeni likanobhutshuzwayo futhi sikubonile lokho kanti namanje siyakubona.
Uphethe ngokunxusa abadlali bebhola likanobhutshuzwayo abasebancane ukuba balithathe leli thuba futhi balisebenzise.