IFAWUNDESHINI i-Hollywoodbets ibambisane ne KZN Children’s Trust, baphume umkhankaso wokulwisana nesifo senqondo (to tackle Mental Health Sigma). Lezinhlangano zombili zifisa ukumemezela ukuthi ziphume umkhankaso kanti zizimisele ukulwisana nokubebhetheka kwesifo senqondo, ziphinde ziqinisekise ukuthi abantu abahaqwe ilesifo bayafinyelela ezikhungweni lapho bezotjola usizo balepheke futhi. Lomkhankaso kumele ube mhlaka 10 October 2023, lapho bethembisa ukuthi bazobe bezokhuluma futhi benomhlahlandlela wokulwisana nalesifo. ” Inhloso enkulu ukuqhamuka nomhlahlandlela namasu okulwisana nalesifo kuphinde kufundiswe abantu ngaso futhi ukuthi basiqonde kahle yingakho i-Hollywoobets Foundation kanye ne-KZN Children’s Trust, bezobe beshiyelana inkundla ngezinxoxo ezahlukene mayelana nalesifo esidlangile.
” Lezinxoxo zosisiza kakhulu ekutheni siyazisa ngaso siphinde siqwashise umphakathi ngaso,nokuqinisekisa ukuthi intsha ehaqwe ilesifo iyelapheka. Lezinhlangano zombili zizibophezele ekutheni abantu abanalesifo bayalapheka. Loluhlelo luzohanjelwa ongoti abaseMnyangweni weZempilo abasemkhakheni wabasebenza ngokwezenqondo (Psychologists, psychiatrist), ukuze bezoluleka baphinde baqwashise umphakatho ngaso.
Omunye wezihambeli nayo ozobe eyisikgulumi koda nguNksz Sophie Ndaba owaduma ngelikaQueen Moroka emdlalweni kamabonakude i-Generations kanye nakweminya imidlalo, ozobe eshiyelana inkundla nongoti asebebalwe ngenhla. Kumenywa abezindaba ukuba babekhona bazocoshela.
Usuku. ULwesibili 10 October ,2023
TIsikhathi 09:30 AM for 10:00 AM
Indawo.10 Prince Street, South Beach, Durban
Ozophumelela angathumela imeyili ku Zandile.Madondo@hollywoodbets.net Mhlaka 7 October 2023, ngalesikhathi. 2:00 PM.
Imibuzo ingaqondiswa ku-Hollywood Foundation General inquiries: Vuyisile Ngobese, Public Relations Officer at the Hollywood Foundation imeyili ku VuyisileN@hollywoodfoundation.co.za Tel: 087 353 8935 / 072 841 5471
Noma ku. www.hollywoodfoundation.co.za
KZN Children’s Hospital Trust: www.kznchildrenshospital.org