UVELE kafushane eNkantolo kaMantshi waKwaMbonambi uSydwell Shane Mkhatshwa oneminyaka engamashumi amane , ebhekene necala lokweba izimbiwa (Minerals) ezibiza imali engu-R24 million icala alenza ngezi 3 Mashi 2424.
Kubikwa ukuthi uMkhatshwa uvele ePeriodical Court KwaMbonambi emva kokuboshwa kwakhe ngoLwesihlanu olwendlule, mhlaka 13 Juni 2025.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, uvele kafushane eNkantolo i-Periodical Court KwaMbonambi uMkhatshwa ebhekene necala lokuntshontsha izimbiwa ezibiza imali engu-R24 million.
“ Ngobusuku bangezi 3 Mashi 2024 amaphoyisa oPhiko i-Operation Vala Umgodi kanye nawaKwaMbonambi aphuthuma endaweni yesigameko lapho kwakumiswe khona iloli emgwaqeni i-Nseleni Road, eyabe ilayishe i-Zircon ebiza isamba semali esingu-R800 000, eyabe intshontshwe e-Richards Bay Minerals (RBM),” kusho uColonel Netshiunda , eqhuba ethi, umshayeli we loli walishiya lapho wabaleka emva kokuba evinjiwe.
Uthe esitatimendeni , ngeshwa ngenkathi umshayeli we loli elishiya ecela empunzini washiya ngasemuva umazisi wakhe (ID), kanye nezincwadi zokushayela.
Uqhube wathi esitatimendeni, emva kokuthungathwa komsolwa lona owayeshayela iloli watholakala e-Germiston, eGoli.
“ Lomsolwa wabe esephinde ematanyiswa necala lokuntshontsha izimbiwa zase Richards Bay Mineral (RBM), ezatholakala endaweni eseThekwini ,Isiphingo, ezazibiza imali engaphezulu kwengu-R24 million.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, uMkhatshwa uzophinde avele kuyo le nkantlo esibalulwe ngenhla ngoLwesibili oluzayo mhlaka 24 Juni 2025, ezofaka isicelo sebheyili.