IGAMA nje elithi kukhona umbuso wentando yeningi kodwa kukhona umbuso wedlanzana! Lokhu kuvele ngenkathi Izinduna zeziFunda okuyi-Amajuba, Uthukela kanye nezaseKing Cetshwayo, zigasele emzini walona owabe engumengameli wezwe uMnu Jacob Zuna , ngenhloso yokuyofuna usizo kuye ngoba uyena owasayina ukuthi Izinduna kumele zithole umhlomulo wemali esukela kuR6500, ngonyaka u-2013. “Ziphinde zakuveza izinduna ezikhathazekile ukuthi leyomali aziyitholanga kulowo nyaka eyasayinelwe ngayo kodwa baze bayithola emva kweninyaka emithathu (2016), sekumele ihambisane namaback pay, ngoba kwezinye izifundazwe babevele beyithola. Kuphinde kwavela ukuthi mhla lezinduna seziyithola le mali aziwatholanga amaback pay aphelele, kanti ezinye azikaze ziyithole kwanhlobo. “ Thina esayithola , sathola imali engafani kodwa saqala ukuba zinduna ngonyaka u-2003,” zisho izinduna ngenkathi ziyifuna ukulekelelwa. Ziqhube zathi kukhona abathola imali engu-R97 000, abanye bathola R50 000, okuyinto abathi uma bebuza uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, bathola incazelo yokuthi imali yabo idonse umnyango wezezintela u-SARS. “ Sanikela kwaSARS lapho safika sathola khona ukushaqeka lapho uSARS asitshela khona ukuthi akasikweleti yena kodwa asibuyele emnyangweni osubalulwe ngenhla. Mina ngathola ipayslip eyayibhalwe ukuthi igross ibingu-R250 000 kodwa ngadonselwa imali engu-R97 000, ngagcina sengithole imali engu-R150 000 okwangixaka kakhulu, ngoba angikaze ngiyibone intela engaka okuyizinkomba zokuthi ngadonsela imali engamaphesentio angu-R45 000. Kumanje asazi ukuthi kwakumele sithole malini ngoba sithola izimali ezahlukene kodwa sabuqala kanye kanye ubuduna sisathola istidend sika R1300 , njalo ngenyanga. Abofowethi nodadewethu abandlula emhlabeni abakaze nabo bathole ngisho indibilishi ngenxa yawo umnyango, uma siya kuMaster of High Court, uvele ubuze ukuthi kumele sithole malini ukuze usenzele incwadi ebizwa ngeLetter of Authority. Manje kunzima ukuthi abafowethu abahanjelwa amadoda kanye namakhosikazi bayithole lemali ngoba umnyango awuphumi neqiniso lokuthi kumele bathole malini. “ Kumanje abanye bethu bavalelwe isibonelelo sobudala phecelezi impesheni ngoba kuthiwa bayasebenza kwahulumeni ekubeni bengatholi ngisho isenti leli. Imali yobudala asazi ukuthi ihlanganaphi nemali yobuduna? Amakhosi asibukela phansi thina njengeZinduna kodwa kube kuyithi esisebenza nomphakathi futhi esaziyo ukuthi kuloyamuzi kuhlala bani wona awazi lutho. Abanye bethu Izinduna zivalelwe imihlomulo yazo ngo-2017, ngoba kuthiwa zikoSgodi sharing okuchaza ukuthi Amakhosi amabili ahlukaniselana ngesigodi bese Inkosi neNkosi iba neNduna yayo, bese umnyango uthi awukwazi ukukhokhela Izinduna ezimbili isigodi ngasinye, akuvalwe imihlomulo yaMakhosi ngoba yiwo abanga izigodi , thina sizinduna sebekwe Amakhosi asingathwali amacala awo sijeziselwe wona. “ Kumanje silambile sivalelwe imali yethu yempesheni sibe singayiholi futhi neyobuduna, imindeni yethu ikhathazekile nathi sikhathazekile ngoba asisakwazi. ukuhlonishwa njengabamnumzane ngoba asikwazi ukondla imindeni yethu. “ Sifuna udaba lwethu lusukunyelwe , ngoba amakhansela wona akukaze ahlale engaholi kodwa siphethwe umnyango owodwa. “ Amakhosi anikelzwa ogandaganda ukuthi alimele umphakathi kwanele kwagxambukela ipolitiki azange isalinyelwa imiphakathi, kanti kwakukuhle Amakhosi elimela abantu noohlelo lwaluluhle , bathwathwa ogandaganda kwalamba isizwe. Idemokrasi noma lokhu okubizwa ngohulumeni wentando yeningi kubukela phansi amalungelo ethu, kanti futhi akukho okwethu komdabu okugqakambiswayo , kubulewe ngisho isikompilo lethu esakhula siligqakambisa. “ Sifisa ukuthi lamaphesenti angu-40, wamakhansela asemikhandlwini yamakhosi avotelwe abe ngamakhansela azosebenza komasipala futhi uthunywe ngamakhosi akudingayo nokulethweni kwentuthuko ezindaweni zamakhosi ngoba amakhansela nomasipala abanazo izindawo izindawo zingaphansi kwamakhosi. “ Amakahnsela amakhosi kumele akhethwe angafaki isgqoko sepoliti kodwa amele ubuholi bendabuko. “ Savalelwe imiholo 2017, ngoba izinduna zimbili isgodi ngasinye. Ukuqalwa kokuhola kwezinduna zabe seziba ngambili kanti kungakaholwa akekho owayefuna ukuba induna , kanti okunye okwenziwa ngamakhosi aseMajuba ukuthi amanye anezinduna ezingahlali ngisho ezindaweni abekwe kuzo , ezinye zazo zihlala koGoli kodwa ziyahola. “ Izinduna azikhuphuki , Amakhosi ayazicindelela Izinduna ngoba kumanje iwona afaka Izinduna ezigodini , Izinduna azizibeki zibekwa amakhosi kodwa izona ezivalelwa imiholo. “Wasivulela amathuba okuthi siqale sihole siyinduna, “ kusho Induna ebeyingxenye yokugasela emzini kaMsholozi ngenhloso yokufuna usizo. Iphinde yakhala ngokuthi ubuholi bomdabu abunakiwe ngumnyango ngoba kuyagqekezwa kuthathwe impahla efana nomakhompuyutha nokunye. “ bantu baithi niyazi ukuthi ithina esigunyazwe ukukhetha uhulumeni okuthi uma sesimkhethile angakhulumi ngokuhlupheka kwethu. Uma sebekhethiwe bathi basiphethe kanti ithina esiphethe bona. “ Ikhansela umuntu ongelutho njenje. Nginemibono kodwa iphazanyiswa ipolitiki. Sinomlando omkhulu thina sizwe esinsundu futhi ithina esiphethe umhlaba kodwa abelungu basishayela umthetho. Angeke ubone izingane zamandiya nezabelungu zingayile esikoleni ezethu kuphela, ngoba wakhuluma iqiniso ufakwa ejele. Khona abantu abangasizo izinduna kodwa bakuthola konke okungatholwa zinduna. Ngagqamuka nombono ukuthi izinduna ngoba nami ngigqamuka endaweni yezinduna. Kunabantu abaholela ukul;ala ePhalamende kodwa abantu abahlezi belamula umphakathi baphinde base abantu abonile eMakhosini bona abaholelwa. Izinduna izinduna zilamula izimpi zezigodi kanti futhi kunodlame esifundazweni kwakulamula zona. Izwe liphethwe incoasana. UMnu Jacob zuma utshele izinduna ukuthi ngabe uyazisiza kodwa wanqindwa Amandla. Okhulumela umnyango uMnu Siboniso Mngadi akatphendulanga we ukuze aphawule ngalolu daba kodwa imibuzo ethunyelelwe kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.