UNGQONGQOSHE weZeMfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer uthi bona, bami ngomuno ekubahalise iziviviony zokupjela konyaka. Uthe bangu-193 779, abafundi ababhaliswe ngokugcwele ukuba babhalisele ukubhala kokuphela konyaka, kanti bangu 6 343 izindlu zokubhalela zingu- 6 343. Uqhube wathi abazogada ukufunda nokuqhubeka kwizivinyo bangu-610.
Okhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi , uthe bengumnyango bame ngomumo ngoba kule usuku olulodwa kubhalwe izivivinyo zokuphela konyaka. “ Thina singumnyango sesiwenze wonke amalungiselelo wokuthi kubhalwe ngaphandle kwezihibe,” esho. Uthe nyakenye sithole amaphesenti angu-85 , kulonyaka sibheka angu-1000, njengesiFundazwe.
IziFunda ezingu-12 , KwaZulu-natal, zinamaplani okuthi izingane zizophasa kanjani, njengoba bekunezifundo zamaholidi., ebezilekelela abantwana nokuthi baye amakhempini. Umnyango uhlose ukulekelela zonke izikole ezathola amaphesenti angu-40, emiphumelweni yanyakenye. Kube uMkhandlu noma isiFunda sasoGwini esingahambelanga elzi nhlelo zokufunda ngokulekelelwa ngoba sona asiphasnganga ngaphansi kwamaphesenti angu-40. Inhloso nqangi yalokulekelelwa wukuthi izikole ziphase ngamalengiso., kubambisene abazali, izimenenja, othisha kanye nabafundi ukuze bathole ikusasa elincono kwezemfundo ngoba ezemfundo ziwukusasa labo. Izifundo zasekubusika zilekelele kakhulu abafundi, ngoba zaqala mhlaka 26 June , zaphela mhlaka 7 July, kwaphinde kwaba kwaze kwaba nolunye uhlelo olwaphela mhla ka 30 August. Izifundo noma amakilasi asebusika kwakuhloswe ngako lokhu okulandelayo, ukulekelela abafundi ukuba babukeze amaphepha ezivivinyo zonyaka ondlule, ukuze bacijele izivivinyo zokuphela konyaka. Ukuyisa abafundi ezinkanjini ngenhloso yokubalekelela, kwezemfundo. Ukubajwayeza ngokubhalwa kwamaphepha amayelana nomatikuletsheni. Sibonga kakhulu uxhaso nokulekelelwa uNdunankulu wesiFundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, singashiyi ngaphandle uSomlomo wesiFundazwe uNksz Nontobeko Boyce, kanye nawowonke amalunga ephalamende , aqhakambisa imfundo..
UNgqongqeshe wezen Mfundo kuZwelonke kanye noSekela wakhe bafisele abafundi ukubhala okuhle. “Sinifisela impumelelo!