KUSHAQWE izibhamu ezimbili zohlobo lwamapistol, izdakamizwa zohlobo llweheroine, utshwala, kwaboshwa abasolwa ababili oneminyaka ewu-21 kanye noneminyaka ewu-32, e-St Chads, Ezakheni, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi laba basolwa baboshwe endaweni esibalulwe ngenhla emva kokuba amaphoyisa elunywe indlebe ngamalunga omphakathi ngabantu abashushumbisa izidakamizwa nababuye baphathe nezikhali eziwubungozi. Okhulemela amaphoyisa ase Ladysmith uWO Bash Khan uthe esitatimendeni , sithole ulwazi ngabasolwa ababili abashushumbisa izidakamizwa. Kuphinde kwavela ukuthi oyedwa wabosolwa uthe uma eboshwa watholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nenhlamvu eyodwa. “ Ngenkathi beboshwa laba basolwa baphinde bayamaniswa namacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe e-St Chads, okwenzeka ngo-August , ngonyaka ophelile,” kusho isitatimende. Siqhuba sithi bebebheke kakhulu endaweni yaseZakheni lapho bethe uma beya emzini thizeni bafika bathola owesifazane oneminyaka ewu-27, obedayisa utshwala ngokungemthetho, wabe esyaboshwa. Kuphinde kwaboshwa nomunye umsolwa oneminyaka ewu-48, emva kokuba etholakale namaphilisi lwe heroine, esiGcemeni sakwa A Ezakheni. Kwesinye isigameko esingafuzanga lezi kuphinde kwaboshwa umsolwa oneminyaka ewu-58, emva kokuba etholakale nesibhamu esingekho emthethweni , nezinhlamvu eziwu-10,esiGcemeni E Ezakheni. Bonke laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi yase Ezakheni bebhekene nawo lamacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izidakamizwa kanye nezinhlamvu