UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo.
Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke kusukela mhlaka 4 kanye nomonhlaka 5 Julayi 2025, kwakhokhelwa abasiza ezikoleni (Assistants ), kanye nabenza umsebenzi ojwayelekile (general School Assistants).
Okhulumela umnyango weZemfundo eyisiSekelo uMnuz Elijah Mhlanga uthe esitatimendeni, abasebenza kwizifunda kuzwelonke bayakuqinisekisa ukuthi bayayihlola imininingwane yabasebenzi abasizayo lokho osekuholele ekutheni abanye abangu-11 000 bazokwazi ukuthola imali yabo namuhla (15 Julayi 2025), kanti abanye abangu-30 000 ,kulindeleke ukuba bathole imihlomulo yabo mhlaka 23 Julayi 2025.
Uthe esitatimendeni, ukucutshungulwa kwemininingwane yalaba abasizayo ezikoleni efana nomazisi, imininingwane yasemabhange, ibhuku lokuqinisekisa ukuthi uyaya emsebenzini (attendance register) kanye nokunye babhizi ngakho.
Uqhube wathi esitatimendeni, lokhu kuzonciphisa umkhonyovu wokuholelwa kwabangasebenizi.
“ Siyasebenzisana nezifunda ukuze siqinisekise ukuthi abangu-30 000 bazoyithola imihlomulo yabo ngokushesha futhi ngaphandle kwezihibe,” esho.
Uthe esitatimendeni, abasebenzi basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekuqinisekiseni ukuthi yonke imihlomulo yenyanga uJuni iyakhokhwa.
Uphethe ngokuxolisa kakhulu esitatimendeni kulabo abangakwazanga ukuthola imihlomulo yabo ngesikhathi.