AMAPHOYISA asOsizweni, acela noma ngubani owadukelwa ilunga lomndeni wakhe, wesifazane! Lokhu kulandelwa ukutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka elinganiselwa kwengu-25, esatholakala emfuleni Umzinyathi, ngasOsizweni, eNewcastle. KwaZulu-Natal mhlaka 23 October 2022. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCapt NS Nkosi, lona wesifazane uyakhanya ngokwebala kanti wayenezinwene ezingalungisiwe mhla etholakala. Uqhube wathi icala lokubulala lavulwa khona esiteshini samaphoyisa akhona Osizweni, ukuba luphenywe. Manje amaphoyisa anxusa nanoma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesidumbu somuntu wesifazane ukuba eze phambili ngoba sisagcinwe emakhazeni kahulumeni. Uthe owalahlekelwa isihlobo angaxhumana nomphenyi wecala uCapt MV Khoza kulezinombolo ezilandelayo:0637774436 noma ku 034 477 8013
Abamabandla balwemukele ushintsho oluhlogozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu, eMajuba
YISIGUNGU sesikhashana esimele amabandla ehlukene eMajuba.Isithombe.SITHUNYELWE ABAMABANDLA eMajuba balwemukele ushintsho oluhlongozwayo lokukhethwa kwesigungu esiphezulu esizomela lesi siFunda Amajuba kunhlangano engamele...