ABEZIMO zezenhlekelele babize umhlangano ophuthumayo nezimenenja zomasipala baKwaZulu-Natal! Lokhu kulandelwa kulandelwa ukubheduka kwezimvula ezinamandla kulesiFundazwe esesibalulwe ngenhla. Kuvelile ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba Zomdabu, uxwayise umphakathi ngezimvula ezinamandla kanye nezikhukhula ezihaqe izindawo ezisogwini kanye naseMidlands kuziFunda zakhona. Kuphinde kwavela ukuthiĀ abezimo zesimo seZulu, nabo baphiphe isixwayiso esixwayisa imiphakathi, ukuba iqaphele ngoba ziningi izimvula ezilindelekile kwisiFundazwe. Okhulumela loMnyango osubalulwe ngenhlaĀ uMnu Siboniso Mngadi, uthe lezimvula zisazohaqa oMasipalaĀ abafana no-eThekwini Metro, Ugu, Harry Gwala, Ilembe kanye nase-Umgungundlovu. Uqhube wathi umnyango ubize umhlangano ophuthumayoĀ nalabomasipala asebebalulwe ngenhle ngoba kubonakala ukuthi ibona abangase bakhahlamezwe yizo lezimvula ezinamadla njengoba sekuyintwasahlobo. ā Sibize bonke labomasipala ukuze bahlale beme ngomumoĀ futhi nezinhlaka ezibhekelele izimo zezezinhlekelele ububa zikulungele nokubhkana nezimo lezi.,ā kusho yena, eqhuba ethi zonke lezinhlaka sezikulungele ukubhekana nalesimo sezulo ngoba kuyisikhathi sazo izimvula lezi. Uthe kuzokumbuleka ukuthi ezindaweni ezingasemazansi, futhi ukuba khona imifulaĀ nabantu abakhe eceleni kwemifula, bavamise ukukhukhuleka , kanye nalabo abasuke bezama ukweqa imfula banokumuka ima imifula ingenisa. ā Nginicela ukuthi ningaweweli amabhuloho amafishane noma ahamba phansi , ngezinyawo nangezimoto ngoba maline kakhulu izilu ayaguguleka, kanti imiphakathi isuke ingale ngaphesheya bese ifuna ukuwelela emakhaya bese iyamuka. ā Qinisekisani ukuthi uma nibona izulu lihloma nisheshe niwelele ngasemakhaya, futhi nothisha ezikoleni uma belibona ukuthi izulu liyahloma basheshe badedele izingane ikakhulukazi lezi eziwela imifula kuthi noma belina ngayizolo baqinisekise ukuthi bayazeluleka ukuthi zingalibhadi ezikoleni noma bacele ukuhlala emizini engepheshaya. Uphethe ngokuthi manje sekuzobhalwa izivivinyo zikamatikuletsheni manje kubalulekile ukuthi izingane zihlala eceleni kwezikole , zingaphoqi ukuwela imifula uma linile izilu nemifula ingenisa, kuyingozi.
Kuzokwakhiwa izindlu eziyisishiyagalolunye kwaNongoma
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old...