IZIDAKAMIZWA ezitholakale kuboshwa abasolwa ababili
KUBOSHWE abasolwa ababili emva kokuba betholakale nezidakamizwa zohlobo lwe-mandrax kanye nomunye otholakale nempahla yokwebiwa Osizwein, eNyakatho, neKwaZulu-natal. Amaphoyisa asOsizweni , oPhiko i-Crime Prevention abehamba enza ezimba bantu , aphinde alandele umkhondo wezidakamizwa kanye nobugebengu obuhleliwe. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNewcastle uNkk Lizzy Arumugam, ngelendlule amaphoyisa alunywe indlebe ngamalunga omphakathi, ewatshela ukuthi kunomuntu odayisa izidakamizwa, abe esegasela khona endaweni ekusiGceme B (Section B), khona Osizweni, afike asesha athola amaphilisi amathathu ohlobo lwe mandrax kanye nohafu abathathu balo loluhlobo lwamaphilisi, abe esebopha umsolwa ooneminyaka ewu-25, wathweswa icala lokushushumbisa izidakamizwa. Uthe lezidakamizwa zingabiza imali ewu-R800.00, ngentengo yasemgwaqeni. Uqhube wathi wona lamaphoyisa aphinde aya endaweni yase-East Borne lapho nakhona afike asesha afika athola impahla yokwebiwa i-Computer Screen ebizwa nge Acer emnyama, ewu-18 inch, health machine osilver, abe esebopha umsolwa oneminyaka ewu-51, ngokutholakala nempahla yokwebiwa. “lempahla etholakale kulomuzi ingabiza imali ewu-R3000.00. Kwesinye isigameko esiGcemeni A (Section A), khona Osizweni amaphoyisa agasele emzini thizeni ngenhloso yokuyofuna izidakamizwa afike abopha umsolwa oneminyaka ewu-47, emva kokuba emthole namaphilisi amabili emandrax, angabiza imali ewu-r200.00 Bonke laba basolwa sebevelile enkantolo bebhekene nawo lamacala okutholakala nezidakamizwa kanye nempahla yokwebiwa.