UMNYANGO Wezokuqashwa kwaBasebenzi uzoba uhambela izindawo zaseNewcastle Local Municipality , ikakhulukazi eMadadeni, osizweni, Blaaubosch, manzana, Mndozo, Lister, Masondeza, mathukuza, DryCut, Fairlegh, Ingogo, Charlestown, Fulathela Hudula, H39, namaphethelo. Kuvelile esitatimendeni esithunyelwe yilomnyango osubalulwe ngenhla ukuthi lokhu kunguchungechunge okuhlelwe ngalo ukuletha izidingo kubantu. Kuphinde kwavela ukuthi lomnyango uzosiza ngezinsizakalo ezilandelayo, somshukalense wabangasebenzi (UIF), izinqubo zesikhwama sezinxephezelo sabalimale emsebenzini (COID), kanye nokubhaliswa kwabantu abangadinga imisebenzi kuhlelo lokuqashwa kwaseNingizumi Afrikha (ESSA). Lezinhlelo zokuletha izinsiza emphakathini zihkhona esithombeni kumininingwane ethunyelwe. Ngakho umphakathi ukhuthazwa ukuba uphathe omazisi (Identity Documents), imibiko kadokotela/ imitholampilo, imininingwane yokuqashwa, ama Curriculum Vitae (CV’s), kanye namaphepha abalulekile.
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...